Umculi we-R&B, uNqobile “Floda Graé” Mthimkhulu, odabuka KwaMashu usedalule ukuthi akasashadile nobengumsakazi woKhozi FM, uNgizwe “Zulu Charmer” Mchunu futhi useqomile.
UFloda Graé uqale ukubhala kwiFacebook ukuthi “i-glow yobudlelwano obusha ihlukile...”
Ekhuluma kwiPodcast Affirmation, uFloda Graé ukuqinisekisile ukuthi usedlulele phambili nempilo futhi kunensizwa yaseLondon, e-UK, asejola nayo. Uthe empeleni kade amshiya uNgizwe, wukuthi nje abantu bebengazi.
Uthe yize esazobonakala enoNgizwe ngenxa yokuthi abaxabene kodwa abaselutho ngakwezothando.
Uthe iphutha alenza wukushada esemncane engaphansi kweminyaka engu-16.
“Ngaqala ukumazi ngiseneminyaka ewu-8 ngoba wayazana nomndeni. Ngathi sengifike eminyakeni ewu-16, ekubeni ayengigcine ngiseneminyaka ewu-9, wangitshela ukuthi uyangithanda.”
Uthe ngesikhathi uNgizwe emshela wayengazi ukuthi kwenzekani ngoba wayeseyingane. Uthe wamqoma ngoba wayenethemba ngoba engumuntu amaze esemncane.
Eqhuba uthe washaqeka esethola ukuthi uNgizwe wayenamanye amakhosikazi futhi lokho wakuthola emithonjeni yezindaba.
Nakuba kwamphatha kabi lokho kodwa kwakungasekho ayengakwenza ngoba wayesekhohlisiwe.
“Ukube ngangazi ngangingeke ngivume.” Yize egilekile othandweni kodwa uthe akanankinga nesithembu kwabasithandayo, yena akasifuni nalapho sihambe khona. Mayelana nomshado, uthe akasazimisele ngawo emuva kokuphoxeka akutholile kuNgizwe.
Phambili lesi siphalaphala sabhala emakhasini aso izinkulumo ezazigigiyela, ziyela ngasekutheni izinto azisahambi kahle phakathi kwaso noNgizwe.
Ngo-Agasti 2018 wakhala ngokuthi lo msakazi uyamhlukumeza. Waze waveza nokuthi ubezitshela ukuthi ukubekezela kuzomsiza kanti kuzoba nhlanga zimuka nomoya.
Nakuba kunjalo uNgizwe wathi uqamba amanga umkakhe. Akugcinanga lapho, wabuye uFloda Graé ngo-2021wathi umshado wabo wabe uwumbhedo ngenxa yokuthi uNgizwe akaziphathi kahle.
Uthi uphumela obala ngokubhidlika komshado wabo ngoba ufuna uNgizwe ayeke ukutshela abantu ukuthi basashadile ngoba kulimaza umsebenzi wakhe.
“Abahleli bemicimbi abaningi sebeyasaba ukungiqasha ngoba bethi (uNgizwe) ukhuluma kakhulu futhi abantu sebeqalile ukuqhela eduze kwakhe.”
Eqhuba uFloda Graé wathi wabona eseshadile noNgizwe ngo-2015 ukuthi akasiyo indoda ayecabanga ukuthi uyiyo. UFloda Graé, ubengunkosikazi wesithathu emuva kukaMaNxumalo noMaKhuzwayo.