ISIHLABANI somculo we-Afro soul, uBulelwa "Zahara" Mkutukana, sithi akusadikizi nenqulu uma kukhona abasisola ngokudakwa size sibhuquze.
UZahara wodumo lwezingoma ezithi Loliwe nethi Phendula, uxoxisene neSolezwe NgoMgqibelo emuva kokuba abantu bemcelele usizo nomthandazo ezinkundleni zokuxhumana. Lokhu kwenzeke ngemva kokusabalala kwevideo yakhe ebukeka edakwe enya amaphepha. Kule video emfishane esabalale kwiTwitter, uZahara ucula ingoma ethi Ndize kodwa ubhimba lokhu okuxakile. Echaza ngale video, uthe yacashunwa ngendlela engesiyo ukuze iveze isimo okungesiso.
"Ngangicula ingoma engangihlonipha ngayo udadewethu oshone ekuqaleni kwalo nyaka. Ngangingazi ukuthi kuzovuka umunyu. Abantu bayathanda njalo ukugxeka utshwala uma kuyimi futhi akusangikhathazi," kuphetha uZahara.
UNomonde ongudadewabo omdala kaZahara, wadlula emhlabeni ngoMashi, ngemva kwengozi yemoto. Wayeyilungu leqembu lomculo wokholo iMkutukana Sisters, elakhipha i-albhamu ngo-2016 futhi uyezwakala engomeni kaZahara ethi, God Is In The Valley.
Akaqali ukubhimba ingoma yakhe enezimpawu zokuthi udakiwe. Wakwenza lokho ngesikhathi evakashelwe kwakhe ngezinye izinsizwa ngo-Agasti. Ngalolo suku wabhimba ingoma ethi Loliwe. Wavuma ukuthi uyabudlonya uma ekwakhe ngoba usuke ejabule kwaze kweqa.
Ebuzwa ngenye lapho ebonakala ephethe ikepisi ecela umnikelo kubantu, uZahara uvele wangawuphendula. Nemenenja yakhe u-Eric Gyimah ihluleke yancama ngesikhathi izama ukumgubha ukuze aphendule ukuthi ubexakwe yini.
Abantu basole ukuthi uZahara akasenalutho emuva kokuboshelwa ukuhluleka ukuvela enkantolo ngecala lokwehluleka ukukhokha intela. Inkantolo yeMantshi ePalm Ridge, yaphoqeleka ukuba ikhiphe incwadi egunyaza ukuba aboshwe emuva kokwehluleka amahlandla amaningi, ukuyoziphendulela ngokumenza angayikhokha imali yentela kwaSARS. Kwasiza ukuba azinikele emaphoyiseni.