ZIPHOXE abaningi izindaba zokugqabuka kwegoda likasofasilahlane phakathi komethuli wezinhlelo zethelevishini, uMinenhle "Minnie" Dlamini-Jones, nosomabhizinisi, uQuinton Jones. Namhlanje uMinnie noQuinton babhale ngokuhlanganyela isitatimende ebesidalula ukuthi ubudlelwano babo beminyaka emine bufinyelele esiphethweni emuva kweminyaka emibili bezama ukubukhanda.
"Eminyakeni emibili eyedlule umndeni wethu ubenesikhathi esimnandi nesokulahlekelwa. Ngaleso sikhathi, besiduduzwa ukuthi siyazi sindawonye." Bathe bazamile ukubekezela izingqinamba nokhwantalala kodwa kwagcina kunhlanga zimuka nomoya.
"Emuva kwezinyanga sihlala ngokwehlukana futhi sixhumana nomndeni wethu nomeluleki, sithathe isinqumo sokwehlukanisa ngokusemthethweni. Ngaphandle kokuphela komshado wethu nobudlelwano bethu bezothando kodwa sizoqhubeka nokubambisana emabhizinisini nokuba ngabazali abaqotho endodaneni yethu enhle."
Bathe kube yisinqumo esinzima ukusithatha nesibaphule inhliziyo ukusimemezela. Babe sebecela ukuthi banikezwe ithuba lokwetshisa kahle lesi sinqumo ngokuthula.