UKUCHITHWA kaningi ngabantu ababethi akakwazi ukucula, uthi kumfundise ukuthi kubalulekile ukubekezela kokholelwa kukona. Umculi wokholo uBucy Radebe, ohlabene ngezindondo ezimbili kumaSouth African Music Awards (Sama), uthi kusemqoka ukubekezela kunokulalela abanye abantu.
UBucy uthole indondo yeWhite star new Comer of the Year neyeBest Traditional Faith Album, kanti uthi ukube walalela abanye abantu ngabe akafikanga kuleli zinga akulona.
“ Yize ngikhulele emculweni kodwa akekho obekholelwa kimina. Abantu bebebeka amabala ngokucula kwami. Kukhona abebengitshela nokuthi izwi lami alikulungele ukuthi ngibe wumculi. Abanye besho nokuthi angikwazi ukucula. Yize kunjalo kodwa angizange ngiphele umoya, ngiqhubekile ngoba ngiyakholelwa kwengikwenzayo. Ukuqokwa kumaSama kuvule elinye ikhasi kumina, ngingasayiphathi eyokuwina kuwona. Lokho kwenze ngazibuza ukuthi kanti kwakuthiwani ngezwi lami ngoba amaSama yimiklomelo ehlonishwayo,” kusho uBucy.
UBucy uthe usene-albhamu eyodwa iSpiritual Encounter, okuyiyona awine ngayo kumaSama. Uveze nokuthi uyiqophe ngo-2019 ngemva kokuthatha isinqumo sokuthi azimele abengumculi, ehamba yedwa.
Phambilini ubengomunye wabacula noSolly Mahlangu. Ngo-2018 waqopha neSpirit of Praize, iVolume 7. Ngokusho kwakhe uhlela ukubuyela estudiyo ngonyaka ozayo akhiphe i-albhamu yesibili. Eqhuba uthe okwehlukile ngomculo wakhe ukuthi ulalela abathandi bawo ukuthi bafunani, futhi ufuna ukhumbuza abantu indlela yakudala okwakucula ngayo izingoma zowokholo.