EMUVA kokusabalala kwezinsolo zokuthi akusihambeli kahle kwezemali isilomo sezinkundla zokuxhumana sivele sabavala umlomo abantu samemezela ukuthi siphindisa unyanyavu lwemoto egaraji. ULaSizwe Dambuza ongomunye wosaziwayo abangaconsi phansi uveze ukuthi usethathe isinqumo sokudayisa imoto yakhe iRange Rover ebiza ngaphezulu kwesigidi.
"Hamba kahle black Rover sthandwa sami, kube yintokozo ukukushayela, ngisikhihla kuwe, ngijabule futhi ngizizwa ngiphephile. Ngiyabonga kakhulu ngezikhathi ezinhle,"kusho uLaSizwe noqhubeke wayitusa ngokuningi.
Ubesekuveza nokuthi usethathe isinqumo sokulichitha lo lunyanyavu.
"Lokhu ukwenza ukuze kujwayeleke ukudayisa imoto, akukho okuyinkinga ngokudayisa imoto yakho. Impilo ihlala inamacebo,"kusho uLaSizwe.
Abantu bamshayele ihlombe ngesinqumo okubalwa ngisho osaziwayo abalokhu bemtuse njalo.
"Ngiyaziqhenya ngawe ngokuphila impilo enobuqiniso, uqhubekele phambili kukhulu okukulindile,"kusho uDjsbulive.
"Ngiyaziqhenya ngawo lokhu kuzokhulula abantu abaningi ababambelele ezintweni abangakwazi ukuzikhokhela. UNkulunkulu akubusise nemisebenzi yezandla zakho,"kusho uThanisile Zikhali.
"Unesibindi okudlula abaningi abasebancane njengawe LaSizwe, kulungile ukuqala phansi,"kusho Its Bongiwe.
Lokhu kwenze nabanye abantu baphumela obala ngokubhekana nesimo esifanayo kodwa ngokuvela kukaLaSizwe bafinyelela kwisinqumo esifanele.
"Kade ngithatha ngibeka, ngiyabonga ngalokhu sengiyayidayisa neyami,"kusho uLeratome.
Yize ememezele ngalesi sinqumo sakhe kodwa akazange uLaSizwe azikhathaze ngokukhuluma ngamahlebezi nezinsolo zokuthi ubhekane nenkinga yemali.