UTHATHWE yizifo eziyamaniswa nobhubhane iCovid-19 umakadebona womlingisi, uMacDonald Mathunjwa, odlule mhlabeni ezintatha izolo.
UMathunjwa (73) uzakhele udumo emidlalweni okubalwa kuyo Ubambo Lwami, Generations neHome Affairs.
Indodakazi yakhe, uZanoxolo Mathunjwa, ikhuluma naleli phephandaba, ithe lo mlingisi uqale ukugula ngoMgqibelo ntambama.
"NgeSonto wayiswa kwadokotela nofike wathi kumele aye esibhedlela. Bafike bamlalisa esibhedlela, ePholosong Hospital, eTsakane, bamhlola bathola ukuthi unezifo ezihambisana neCovid-19. Sivuke namhlanje (izolo) sathola ucingo ukuthi usishiyile phakathi kwamabili," kusho uZanoxolo.
Uthe uyise, onomuzi KwaThema, ushiye emhlabeni umkakhe, izingane eziyisishiyagalolunye nabazukulu.
"Ubaba ubengumuntu onamahlaya kodwa uma sekumele aphume ekudlaleni ubekwenza lokho. Yize bekungowethu nezwe lonke kodwa isikhathi sokuhlala nathi ubeba naso. Ubethanda imfundo nokusebenza ngokuzikhandla. Ngisho kule minyaka abekuyo ubesasebenza, engayicabangi eyokuthatha umhlalaphansi. Ushone esezama ukusiza izingane zaselokishini ngokuzifundisa ukulingisa nokwenza amafilimu," usho kanje.
Uqhube wathi uyise akaqalanga njengomlingisi kepha wangena ngephutha kulo mkhakha.
"Abantu abaningi abazi ukuthi akaqalanga njengomlingisi. Wayenza umculo kuqala, wathi eyodlala ipiyano kwenye ifilimu wangena ngephutha kanjalo. Kwakukhona umlingisi owayenenkinga, kwathiwa akalingise base bemqasha kanjalo. Unestudiyo sokuqopha umculo ekhaya futhi wake wenza ama-albhamu Amadodana AseWeseli nabanye. Ubenza izinto eziningi, bekungubaba wethu nomhlaba wonke," kuchaza uZanoxolo.
Uthe imiyalezo yenduduzo elokhu ingena ibaqinisa idolo njengomndeni.
"Yisikhathi sokuthi sikhumbule imisebenzi yakhe lesi. Ubengumuntu wabantu futhi ubenganqabi ukuthatha isithombe ngisho ngabe uhlangana kuphi naye. Abantu bathi bayasibonga njengomndeni ukuthi sibaboleke naye, asibanga namona ngaye, wakwazi ukuveza imisebenzi yakhe."
Phakathi kwabadlulise amazwi enduduzo kubalwa inhlangano yokusakaza, iSABC, noNgqongqoshe wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko eGauteng, uMbali Hlophe.
UZanoxolo uthe amalungiselelo omngcwabo awakaphothulwa kodwa bahlela ukuthi afihlwe ngoMgqibelo futhi inkonzo yomngcwabo izosakazwa bukhoma ezinkundleni zokuxhumana.