OWAYEYISINQANDAMATHE sikaMnuz Malusi Gigaba, uNorma Mngoma, uthi bazothandana nomuntu wesilisa ’abonana’ naye, kodwa okwamanje basafudumeza ubudlelwano babo.
UNorma uveze lokhu ohlelweni olusha lukaLaSizwe Dambuza, oludlala kwiYouTube, i-Drink or Tell the Truth kwisiqephu esidlale ngoLwesihlanu.
Kulolu hlelo osaziwayo babuzwa imibuzo, bese beyakhetha ukuthi baphendule ngeqiniso, noma baphuze isiphuzo uLaSizwa athi sibabisa okwembiza kodwa kasiwona utshwala.
Ebuzwa ukuthi ngabe ukhona yini athandana naye noma usazishimele selokhe ahlukana noGigaba, uNorma uvele wafa yinsini, wathi okwamanje “uphakathi nendawo”.
Uthe abekho sebudlelwaneni bothando njengamanje naye kodwa bazothandana.
“Sisafudumeza into yethu futhi sizothandana,” kusho uNorma.
Ebuzwa ukuthi ubani igama lakhe, uNorma uphendule sakuhleka wathi: “Umuntu wami. Uma ngingaveza igama lakhe, izwe lingama.”
UNorma uphinde wabuzwa ukuthi uyayazi yini intombazane eyathunyelwa wuGigaba i-video yodumo wathi uyayazi, namanye ayexhumana naye. Kule video eyaputshuka ngo-2018, uGigaba uvela edlala ngesitho sakhe sangasese aze athi “awucabange seyisemlonyeni wakho babe”.
I-video ephelele: