YIZE elakuleli lisesigabeni sesithathu somvalelandlini, amaciko akuleli abekade engavunyelwe ukuyonandisa kwamanye amazwe ngenxa yemigomo yeCovid-19 ngempelasonto abonakale enza ezibukwayo e-United Kingdom.
Amaciko anconywe kakhulu ngokumela iAfrika emuva kokusabalala kwma-video ehambele e-UK, lapho kade enandisa emcimbini i-AMA fest 2021.
Amaciko ahlukene amenywa kulo mcimbi walo nyaka obusenkundleni yezemidlalo iSouth of England Showground, Bekukhona kuwo uDBN Gogo, Kamo Mphela, Focalistic, Mr JazziQ, Virgo Deep, nomrepha uCassper Nyovest.
Ama-video asabalale ezinkundleni zokuxhumana abeveza izihlwele zijabulela laba baculi, bekhombisa nabo indlela abajabulise ngayo izihlwele kulo mcimbi.
Intokazi engenisile emculweni wamaPiano uKamo Mphela uyena onconywe kakhulu futhi abantu bamfanisa noBabes Wodumo esafika kulo mkhakha.
UKamo uveze kwiTwitter ukuthi ukujabulele ukuba kulo mcimbi futhi uyazincoma ngomsebenzi awenzile.
Ekhuluma ne-IOL enguzakwabo weSolezwe uDBN Gogo, ogama lakhe nguMandisa Radebe, uthe kube uhambo nomcimbi angeke awukhohlwe njengoba sebeqalile ukudlalela abantu umculo wama-piano emhlabeni.
Uthe kuyabathokozisa ukubona abantu bejabulela lolu hlobo lomculo nabo njengamaciko abese-UK, nokuyikhaya kubantu abaningi base-Afrika.
“Kuleli kuke kwaba nesikhathi lapho uthaqa wehla kancane kancane nokwenza saze savulelwa imicimbi, e-UK umvalelandlini ubungavumeli micimbi kwaze kwaba iyaphela ekuqaleni kwalo nyaka njengoba sebevumela imicimbi yalolu hlobo. Igqom, ifikile kodwa ayifananga nomculo wamama-piano wona ovele wenza kahle ngisho ngaphandle kwakuleli,” kusho uDBN Gogo.
Uthe eNigeria, lolu hlobo lomculo balwamukele ngezandla zombili. Uhambo lwethu lube luhle futhi basamukele kahle emcimbini ebesikuwona,“ kuchaza yena.
UShaunGee uthe, “Ngiyajabula ukubona uCassper Nyovest e-UK. Udinga ukuba nomcimbi wakhe maduzane kuleli, wenze umsebenzi oncomekayo”.
ULunga Ndaba uthe, “Ama-piano enza kahle impela emazweni aphesheya. Yhoo. Indlela anandise ngayo uKamo Mphela e-UK ingenza ngimamatheke, uyazethemba, abantu bebemjabulela, kuyajabulusa ukubona lokhu”