AMACIKO aseduduzwa wukuvulwa kwezindawo zobumnandi ngokuthi azothola khona imisebenzi njengoba ihoxisiwe imicimbi emikhulu kaDisemba.
Imicimbi emikhulu, okubalwa kuyo iFact Durban Rocks, ihoxisiwe nokuyilapho kuqashwa khona inqwaba yamaciko.
NgoLwesihlanu kuvulwe indawo yobumnandi iMzo’s Lifestyle eMahlabathini, eVerulam.
Ngeholidi langoLwesine kuvulwe enye eTugela Ferry, eMsinga, ebizwa ngokuthi yiseKoneni.
Amaciko ancome uKhehlelezi ngokuba ngomunye wosomabhizinisi othuthukisa izindawo zabantu abamnyama ngokwakha indawo yakhe iMzo’s Lifestyle.
UKhuzani uthe okumjabulisa kakhulu ukuthi ngesikhathi ivulwa, uKhehlelezi ukhethe ukubiza abaculi abafana nabo ukuzojabulisa umphakathi.
"Siyabonga asiqedi ngempela kuKhehlelezi ngethuba elingaka abasivulele lona. Sibongela nomphakathi wala njengoba usunendawo ozozijabulisa kuyona," kusho uKhuzani.
U-DJ Happygal obenandisa eKoneni naseMzo’s Lifestyle, uthe okumjabulisa kakhulu ukuthi zivulwe ngesikhathi lapho abahleli bemicimbi emikhulu abajwayele ukudlala kuyo, bengakwazanga ukuyenza.
Phakathi kwabenandisa eMzo’s Lifestyle kubalwa kubo uBoity, DJ Sjerere, Ngizwe Mchunu, Igcokama Elisha, DJ Tira, Amaroto, Slenda the dancing DJ, Thukzin nabanye.
Bekukhona nabasakazi boKhozi FM, uSbu Buthelezi noZimdollar.
UBoity Thulo ufike kulo mcimbi kwachwaza izihlwele njengoba ebezomemezela ohlabane ngemoto i-Audi RS3.
UKhehlelezi waveza ukuthi ngendlela abantu abamxhase ngayo nabakhombise ukumethemba ngayo, ukhethe ukuthi abawinise imiklomelo ehlukene mhla evula.
Wamemezela ukuthi abantu abathumele amaSMS okuzibeka ethubeni lokuwina imoto abanye imali.
Imoto itholwe wuSithembele Majiya waseKubhaceni, eMt Frere, igama lakhe elitonyulwe wumshini.
USithembile uthe akakholwa ukuthi uwinile njengoba ebehlale enxusa indodakazi yakhe nomfowabo ukuthi bathumele amaSMS usuku nosuku.
Uthe usazobonisana nomndeni wakhe ukuthi bayigcine noma bayidayise ukuze athuthukise ibhizinisi lakhe njengoba engusomatekisi.
Ababili abebengekho bathole uR30 000 noR10 000 ngokwahlukana.
UKhehlelezi uthe ngoDisemba 31, bazoba nomcimbi omkhulu abazomemezela abaculi abayobe benandisa kuwona.
EKoneni bekunandisa uDJ Happygal, DJ Mngadi, BZ, Kamaccza nabanye.
Kume yonke into edolobheni ngesikhathi izimoto zikaNokusho zishaya ujenga zimema abantu endaweni.
Umnikazi wendawo, uSmanga Mabaso, uthe ngoDisemba 30 uzoba nomcimbi omkhulu lapho kuzodlala khona uDJ Tira nabanye.