KUHLUKENE imibono kabantu abakhuluma ngomuzi womunye wabesifazane abavela kwiThe Real Housewives of Durban. Abantu kwiTwitter balokhu bephikisane ngomuzi wesiphalaphala esinguThobile MaKhumalo Mseleku, oyinkosikazi kaMusa Mseleku, wodumo lohlelo lwesithembu uThando Nesithembu noMnakwethu.
Lo muzi oseMzumbe, ogwini nesifundazwe ungeminye yezithabathaba ezisegcekeni lakwaMseleku.
Abantu bathi umuzi kaMaKhumalo muhle impela, inkinga ukuthi usemakhaya ekubeni sebejwayele ukubona izithabathaba zasesilungwini.
"Eqinisweni angiyiboni inkinga ngomuzi kaThobile. Ikhaya lakhe kumele aziqhenye ngalo. Asikho isidingo sokumqhathanisa namanye amakhosikazi. Bekumele athuthe kwakhe ayorenta kwenye indawo?,"kubuza Ngubane KW.
"Asivumelane lo muzi awukho ezingeni leRHOD futhi kusemakhaya," kusho uMvulazane.
"Bekumele enzenjani, benilendele ukuthi ayorenta isithabathaba ukwenzela lolu hlelo, bese nizobukisa ngaye?," kubeka uJust Precious.
UMaKhumalo akatholakalanga ukuphawula ngenxa yokuthi ubesethathe uhambo ngendiza kodwa uMseleku uthe abakugqizi qakala okushiwo abantu ngabo.
"Into engasho lutho lena eshiwo ngabantu ngoba bakhuluma ngomuntu abangamazi. UMaKhumalo ungene kulolu hlelo ngoba efuna ukuziveza ubuyena, hhayi anakho. Abohlelo abafika kuye bamcela, ubengeke azenze umuntu angeyena, akanankinga nomuzi wakhe futhi ngeke aveze konke anakho ukujabulisa abantu abangeke bamsize ngalutho,"kusho uMseleku.
Ephetha uMseleku uthe into ebalulekile ezothuthukisa umuntu, imkhulise iphinde imkhokhele imali.
UMaKhumalo nangesikhathi esewumsakazi kwiVuma FM, ubengakaze abe nenkinga nomuzi wakhe ngoba ubehlala evela ngisho kwithelevishini. Lokhu kungokokuqala ngqa, ukuthi kube nabantu abakhuluma ngawo.