INKOSIKAZI yesilomo somculi wekwaito esingasekho uMandoza ihlanganisa ifilimu ekhuluma ngaso futhi izokhipha nomculo omusha ngenhloso yokuthi lingashabalali igama likaMandoza.
NgoMgqibelo kuzobe kuphela iminyaka emihlanu uMandoza ashona ngemuva kokugula isikhathi eside ephethwe yisifo somdlavuza wobuchopho.
"Kuningi esikwenzayo kodwa ngenxa yeCovid-19 kuhamba kancane. Sinomculo wakhe omusha ebesizowukhipha kanjalo nefilimu esiyenzayo kodwa sabe sesikuhlehlisela uJanuwari 17 okuwusuku lwakhe lokuzalwa," kusho uMpho Tshabalala.
Ngonyaka odlule ngesikhathi kugujwa iminyaka engu-20 kwaphuma iNkalakatha kudedelwe ingoma entsha kaMandoza iPretend I'm Back okukhona kuyo noZami.
UMpho uthe bebefuna ukwenza ikhonsathi yokumkhumbula kodwa kwangenzeka.
"Ngeke siphoqe izinto isimo sinje ngoba siyakuqonda ukuthi ukuphepha kwabantu yikho okubalulekile. Abakhululeke igama likaMandoza ngeke lishabalale ngoba siyasebenza futhi kuningi nesizokwenza lapho KwaZulu-Natal ngoba wasebenza kakhulu khona bese siya nakwezinye izifundazwe."
Uthe abangani bakaMandoza oMapaputsi noGeneral bahlela umcimbi wokumkhumbula ezinsukwini ezizayo kodwa imininingwane yawo izoqinisekiswa kuleli sonto.
"Ungathi ushone izolo ngoba namanje akukakholakali. Besithi ngemuva kweminyaka emihlanu kuzobe sekupholile. NgoLwesihlanu ngomhla ka-10 bekuwusuku agcina ngalo ukucula e-Orlando Stadium. Bekuwusuku olugcwele umunyu kimi ngoba yilapho abamba khona umbhobho okokugcina kwase kuthi ngemuva kwezinsuku eziyisishiyagalombili wabe eseyahamba. Kuba nzima ngosuku lwami lokuzalwa (18 Septhemba) ngoba angazi noma kumele ngijabule noma ngenzeni. Mhlawumbe izimpendulo ngiyozithola kuNkulunkulu ukuthi kungani ahamba ngalolo suku."
Uthe okumjabulisayo ukuthi izingane zabo ziyakhula enye ineminyaka engu-21, 17 neno-11.
UMandoza wazakhela udumo ngezingoma okubalwa kuzo iNkalakatha, Godoba, Indoda nezinye.