INJABULO isezinkundleni zokuxhumana selokhu kubonakale intandokazi yesihlabani somculi waphesheya kwezilwandle, obekunezinsolo zokuthi kade sashona.
UCeline Dion, bekubanjwe umoya kusukela ngo-2022 kuvela izindaba ezimbi zokuhlaselwa kwakhe isifo esibizwa nge-stiff person sydrome esivele sibophe ngqi konke emzimbeni, okwenza wama nasekunandiseni ngomculo.
Ungene emcimbini wamaGrammy Awards eCrypto.com Arena, eLos Angeles eseCalifornia ngeSonto ebusuku, kwasukuma izihlwele zama ngezinyawo, zashaya ihlombe ngenxa yenjabulo.
Lezi zindaba zivela, akuphelanga ngisho isikhathi esingakanani kwasabalala izithombe zimveza njengomuntu owehlelwe yisisindo somzimba ngokweqile.
Kube sekusabalala nezindaba ezithi ushonile, kubuye kuvele ukuthi ngamanga lawo. Lokhu kwashiya abantu bengasazi ngokuyiqiniso okwenzekayo ngaye. Ukubonakala emcimbini emuhle, ephila futhi ebonakala ujabule kakhulu, kujabulise abantu abaningi.
"Ngijabule ukukubona indlovukazi," kusho uProsper Djoune.
"Ngiyamthanda uCeline, ngijabule kakhulu ukumbona noma ngivele ngafikelwa yizinyembezi," kusho uPaula Graffeo Osipovitch.
UCeline ethula inkulumo yakhe emcimbini uveze ukuthi kuwumusa konke okwenzeka empilweni yakhe futhi ukujabulele kakhulu ukuba phakathi kwabantu.
"Uma ngithi ngijabule ukuba lapha, ngisho ekujuleni kwenhliziyo yami. Kulaba ababusiswe ngokuba yingxenye yomcimbi wamaGrammy bangakubukeli phansi, uthando olumangalisayo nentokozo elethwa wumculo empilweni yethu nasemhlabeni jikelele," kusho uCeline.