USEPHEFUMULE okokuqala ngqa uDJ oyisangoma mayelana namahlebezi okuthi ushiywe umyeni wakhe. UTumi ' Gogo Skhotheni' Motsoeneng Shange uveze ukuthi amanga aluhlaza ukuthi yena nomyeni wakhe uMonde Shange bahlukene. Lokhu kulandela amahlebezi agcwale izinkundla zokuxhumana emuva kokusabalala kombhalo ofakazela lokhu.
UGogo Skhotheni uthe konke lokhu ubekubuka kusabalala ezinkundleni zokuxhumana kodwa wakhetha ukungazikhathazi kakhulu ngakho. " Nina bese nithi uMonde wenze kahle wahamba ngoba ngiyis*f#b*. Besinihleka sindawonye embhedeni," kusho uGogo Skhotheni.
" Usiqambisa amanga gogo bandla, bese ngikhala nokukhala," kusho uBusisiwe Zulu.
" Wena SKhotheni ngicabanga ukuthi uqalwa ingcindezi yengqondo," kusho uBabalwa MaMthembu.
" Mina bengazi ukuthi ayikho le nto ufuna ukunakwa kuphela," kusho uNthabiseng Tsale.
"Mina vele angiyikholwanga nje kwasekuqaleni bandla, nithandana kabi nina.
Kuwona la mahlebezi bekukhona nokushaya amakhala ngamakhathakhatha akhe aqondene nokulungisa imizi yabantu njengoba sekuvela lezi zinsolo ngowakhe. Nakho lokhu uthe ukubone kwaba yihlaya kuye. " Nithe ikorobela yami iphelile, lapho uyena obephethe iselula yami wathi angibheke ukuthi bathini. Lapho bengidlala ngetshebe yakhe sinihleka," kusho uGogo Skhotheni.