IQALE phansi eyesitebele somculo neqembu elalingaphansi kwaso okwake kwavela ukuthi kunoqhekeko olwagcina lunyathelwa ngezinyawo. I-Ambitiouz Entertainment izithintele kubalandeli beBlaq Diamond ngokuphawula sakubhuqa embhalweni kaMusa Khawula, obusola amalungu eqembu ngokungakhokhi lapho ebengcebeleke khona. Yize uMusa engandanga ngamagama kodwa ukubeke kwacaca ukuthi iqembu iBlack Diamond lihluleke lancama ukukhokha uR8 500 eThe Pavillion.Yize uMusa ebhale sakulahla umkhondo ethi yiBlack Diamond kodwa kuvele kwacacela noma ngubani ukuthi izinsolo zibhekiswe kwiBlaq Diamond njengoba ebefake isithombe sayo, kanjalo nokuphawula kwe-Ambitiouz.
Lokhu kuholele ekutheni i-Ambitiouz iphawule ngokuthi "Izinja zempilo ma," okucashunwe engomeni yeBlaq Diamond. Abantu basola le nkampani ngokuba namagqubu. "Aninamahloni okuphawula la," kusho uNoluthando Gavu.
"Sajabula isitha esikhulu," kusho UNjabulo Mthembu.
"Ukuwa kwendlu wukuvuka kwenye, ningasheshe nisizakale," kusho uSyah.
"Ukudicilela igama lamaciko niyakubhebhethekisa, nikwenza isinkwa senu semihla ngemihla," kusho u-Afrika Mthiyane.
Elinye lamalungu eBlaq Diamond, uNdu Brown liphendule ngokuthi: "Yayazi i-EX emuncu." Abantu bakhala nangokuthi seluhleli obala uqhekeko ebabephika ukuthi lukhona phakathi kwabo ne-Ambitiouz.
"Lol manje sekuyacaca ukuthi naniqamba amanga kwi-podcast/ Anishongo yini ukuthi konke kuhamba kahle nabo? kubuza uLaqhasha. Iphindile i-Ambitiouz yagadla ngenxenye yengoma kuNdu yathi "Relaxer musa ukuphenikha," okuphinde kwasusa umsindo. Kusuka umsindo nje iqembu ne-Ambitiouz bake baba sematheni ngezinsolo zokungahlukani kahle phambilini.