SIMANGAZE abalandeli isihlabani somculi wakuleli mgesikhathi sigadla ngesiNgisi, sithi siphonsa itshe esivivaneni ngodaba olusematheni lweBafana Bafana.
UMakhadzi yize engalibekanga ngembaba elokuthi uncoma iBafana Bafana, ukuthi izamile kodwa kuvele kwacacela nanoma ngubani. Inkinga esuse umsindo wukubhala kwakhe ngesiNgisi kodwa esingadinge kutolikwa ngenxa yokusibhala sakuxoxa ngolimi lwakhe.
"But they plaid shem. they foght," kubhala uMakhadzi ngesiNgisi.
Yize isiNgisi kungelona ulimi lwakhe kodwa umculi ubukeka esikhonzile kepha kugcina kumqhatha nabalandeli bakhe abangaphezulu kuka-7 million abakwiFacebook.
Sekunesikhathi kwagcina ukwenzeka kodwa njengamanje bangaphezulu kuka-42 000 abalandeli abakhuza ibhadi ngesiNgisi sikaMakhadzi. Abangaphezulu kuka-160 000 bazizwa ngezindlela ezahlukene ngalokhu, nabangaphezulu kuka-39 000 esebesabalalise emakhasini abo lombhalo kaMakhadzi.
"Hhayi ntombazane," kukhuza uLive Mabeqa.
"Bengingazi Makhadzi usishaya kangaka isiNgisi ndlovukazi," kubhuqa uDocc Oumega SA.
"IsiNgisi asikakaze sasithanda bandla," kusho uDee Wacho.
Kuzokhumbuleka ukuthi kwenzeka lokhu nje, akuqali ukuthi abalandeli bamcele uMakhadzi ukuthi anciphise isiNgisi ngoba wayevamise ukukhuluma ngaso bukhoma (live).