INKULU inhlokomo ezinkundleni zokuxhumana bejabulela ukuvela kwamahlebezi athi inkakha yomlingisi waphesheya kwezilwandle igawule induku enhle eNingizimu Afrika.
UMalik Yoba wase-USA, ongomunye wabalingisi abahlonishwa umhlaba wonke, kusolwa ukuthi usethandana nesiphalaphala sentokazi yakuleli, uClare Mawisa.
Lokhu kulandela ukuthi uMalik enameke inqwaba yama-vidiyo ehleka eduze kwale ntokazi. Akugcini nje lapho, kwenye uvela eyiqabula esiphongweni kuhle komuntu osothandweni.
NgoLwesihlanu, njengoba kwakuwusuku lwe-International Women's Day uMalik wanameka uClare ekhasini lakhe le-Instagram, nombhalo oshiye abaningi begezeke ubebebe ngobudlelwano babo.
UMalik uveze ukuthi yena noClare sebebe ngabangani iminyaka ewu-11 futhi basondelene ngendlela emangalisayo, wathi abasondelene nabo bayazi kwenzakalani. Yiwo amazwi achaze izakhamuzi zakuleli.
"Ayikho into esiyilindile, nangu usbali wethu siyizwe," kujabula uPumza Bara.
"Siyathungisa," kusho uNomfundomt.
"Usibali wethu eNingizimu Afrika, kumele nivele sisale senishada," kubeka uZandile428.
UClare ngaphandle kokukhuluma kakhulu naye uvele wanameka ama-vidiyo nezithombe ekhasini lakhe le-Instagram.