KUYACHWAZA ezinkundleni zokuxhumana yinjabulo yabalandeli besilomo somculi weRnB, esishadelwe phakathi nesonto kungazelele muntu.
Isilomo somculi U-Usher Raymond (45) sishadelwe nguJennifer Jean Goicoechea (40) eLas Vegas, ngempelasonto. Kepha izithombe zinekwe obala ezinkundleni zokuxhumana umculi wamemezela ngokugcwele izolo ukuthi useshadile.
Ukwenekwa kwezithombe kwenzeke ngemuva kwendumezulu yomcimbi weSuper Bowl, lapho u-Usher ebageze igilo abantu nezethameli enkundleni ngekhono lokunandisa kwaze kwasabalala ividiyo.
“Ngiyambongela Usher nonkosikazi wakhe omuhle,“ kusho uSparkle.
“Siyanibongela, nginifisela iminyaka eminingi nomshado obusisekile,“ kusho u-Ashley Nicole.
“Bengizitshela ukuthi usalinde mina, ngiyanibongela kakhulu nobabili,” kusho uKaren Moorehead.
"Ungangenza kanjani kodwa kanje, ngiyakubongela," kusho uHelen Gitau ngoteku.
U-Usher ushadelwa yinkosikazi nje sebevele banezingane ezimbili, eyomfana neyentombazane. Kuzokhumbuleka ukuthi ngaphandle kwezingane zabo, zikhona ezinye ezimbili zabafaba ezika-Usher, azithola emshadweni wokuqala. Lo mculi wayeshade noTameka Foster ngo-2007, wadivosa ngo-2009. Waphinda wathatha uGrace Harry ngo-2015, bahlukanisa ngo-2018 njengoba esegidelwa okwesithathu manje.