IZOVALWA ngomcimbi wokholo ohlanganisa abaculi abanamava indawo yobumnandi esizakhele udumo eThekwini ezovalwa okwesikhashana.
IMaqaqa Exclusive Lifestyle eku-R603 uMbumbulu Road e-Adams Mission izovalwa okungenani izinyanga ezimbili ukuze kunetshwe le ndawo kwenziwe nezinye izinguquko njengoba sanda isibalo sabantu abayivakashelayo. UNkk Mbali MaNgwabe Mseleku wale ndawo utshele leli phephandaba ukuthi umcimbi kaJumbo iWena Nkosi Uyazi Tour kuzoba umcimbi wokugcina ozokwenziwa kusasa bese kuvalwa.
"Ngokohlelo lwethu sasihlukanise ngezigaba lendawo kukhona eyezicukuthwane neyabathanda ukuhlala ngaphandle bashaywe umoya. Sibe sesibona ukuthi siya ngokwanda isibalo sabantu nendawo yethu ayisanele ukuthi singalokhu siqhubeka kungcono sivale siyinwebe silungise ngendlela ezobagculisa nabantu. Ngisho ngaphandle uma isimo sezulu singesihle kunetha abanye bagcina sebeba nenkinga yingakho size safaka itende. Sizovala izinyanga ezimbili bese kubuye kuyavulwa sizobazisa nabantu,"kusho uNkk Mseleku.
Eqhuba uthe ifiso sabo ukuthi uma sebevula bahlanganise nendawo yokuzicwala ekule ndawo nayo ivulwe ngokusemthethweni. Kusasa kulindeleke ukuthi uJumbo atheleke noThobekile, Lungelo Hlongwane, Khuzani, Ga Ndlela, Mike, Fikile Mlomo, Apostle Rasta Shozi, Ibanathi Mpungose, King Nuba, Ngizwe Mchunu, Thinah Zungu , Babo, Ayanda Ntanzi,Sgwili Zuma, Siyabonga Mpungose, Nkanyiso Miya, Malusi Mbokazi nabanye.