IYASHUBA impi kamaskandi wodumo uKhuzani “Indlamlenze” Mpungose, nowayengumsakazi woKhozi FM, uNgizwe Mchunu. Kumanje ummeli kaKhuzani, uthi bazimisele ukuthi udaba balufa ezithebeni zenkantolo.
Bathi uNgizwe kumele axolise zingakapheli izinsuku eziyishumi, kungenjalo sebeyobonana enkantolo.
UNgizwe waqopha i-video, wayifaka esiteshini sakhe iNgizwe Online, esola uKhuzani ngokudlwengula intombazane eyayineminyaka ewu-14 waphinde wamsola ngokulala nonkosikazi womuntu.
ULungelo Ngobese, ongummeli kaKhuzani, uthi namanje basalindile ukuthi uNgizwe axolise.
“UMchunu samthumela incwadi yesicelo sokuthi abhale isitatimende ahoxise amagama awasho, uma engakwenzi lokho sizodlulela enkantolo,” kusho uNgobese
Uthe ngokuthola kwabo, uNgizwe wayithola incwadi kodwa wayiziba futhi wangenza lutho. Uqhube wathi kwase kuba nokuvumelana nenkantolo ukuthi abathi ukumyeka kancane ngoba usamile ukukhuluma kabi ngoKhuzani ezinkundleni zokuxhumana, uma eqhubeka bazomthumelela amasamanisi.
Uphinde wathi yize kunjalo kodwa basafuna axolise, aphinde ahoxise amagama awasho noma aveze ubufakazi bale nto ayisho.
“Sisafuna axolise ngoba incwadi esamthumelela yona yayisho njalo ukuthi akahoxise amazwi akhe noma akaveze ubufakazi bale nto akhuluma ngayo noma aveze inombolo yecala ekhombisayo ukuthi kukhona icala elavulwa,” kuqhuba uNgobese.
Wenqabile uNgizwe ukuphawula ngodaba, wathi akasakhulumi nezintatheli.
“Angikhulumi nhlobo nje mina nezintatheli, ngiyacela futhi ukuthi ungaphinde ungifonele,” kusho uNgizwe.
Phambilini labo saziwayo baseNkandla, babengamathe nolimu, kepha manje sebeyinkukhu nempaka. Yize ingaziwa into eyabaqhatha kodwa abasabhekani futhi bahlambalazana nasezingomeni nasezinkundleni zokuxhumana.
Kusenjalo, kulindeleke ukuba uNgizwe abuyele eNkantolo yeMantshi yaseRandburg, eGoli ngoMsombuluko ngezinsolo zokugqugquzela izibhelu ezenzeka kuleli ngoJulayi nyakenye.