SEBEQALA ukukhathazeka abalandeli besihlabani somrepha waphesheya kwezilwandle esifaka izithombe zikankosikazi ezimveza eshaya ngemisiko yangaphansi.
UKanye West, ngasekuqaleni konyaka wafaka isithombe sikankosikazi uBianca Censori, efake izimpahla zangaphansi ezimnyama. Kwakukhona nombhalo ongasekho manje, owawuchaza ukuthi unkosikazi wakhe kulo nyaka akazimisele ngokufaka amabhulukwe.
Lesi sithombe sasabalala, kwaba yihlaya ngoba iningi labantu likubona njengento engelula ukuhlala ugqoke kancane, ikakhulu imisiko yangaphansi.
Emuva kwalokho kwathi ukucweba isiziba. Wabuya emuva kwesonto nesithombe esasimveza unkosikazi efake ijazi elide elimnyama kuhloniphekile. Kodwa izolo ubuye ngezinga elihlukile efaka izithombe zilandelana zikaBianca esekhishini, eshaya ngomsiko wangaphansi kuphela futhi ongajwayele ukubonwa noma ngubani.
Yilapho abantu beqale khona ukuvula amehlo, ukuthi ziyaqina izinsolo zabo zokuthi laba bashadile baziphilela ezweni labo futhi abakuboni nokuyihlazo.
Izakhamizi zakuleli sezize zametha negama likaNkanyiso uKanye, elichumayo ezinkundleni zokuxhumana.
"Cha wehlule Nkanyiso," kusho uThenjiwe Buthelezi.
"Sicela i-albhamu. Anikhulume naye uNkanyiso," kunanela uSirpope_sa kwinkulumo kaThenjiwe.
"Waze wahlanya umuntu sibhekile," kusho u-Iamthelucky15_.
" Kanye usudinga usiko manje," kusho uSlindy_ntusi.