LUZOQALA ngosuku lwangeSonto elizayo uhlelo oluzokhuluma ngempilo kaKhuzani Mpungose, oluthi Khuzani Bo!
Lolu hlelo luzobheka impilo ephilwa yilo mculi waseNkandla, ingoma yakhe ethi Ijele, ehlukanise unyaka.
UCaroline Phalakatshela weSABC uveze ukuth, azikho izingqinamba ezibenze bahlehlisa usuku okuzoqala ngalo uhlelo.
“Sifuna ukuqondanisa lolu hlelo nosuku lwamagugu nokuyinto esiyibone izohambisana kahle kakhulu. Siyaxolisa kubabukeli akade sebelulinde ngabomvu uhlelo kodwa bangakhathazeki, luyeza maduzane futhi bazolujabulela,“ kusho uCaroline.
Lolu hlelo luqoshwe yinkanka emkhakheni wokuqopha izinhlelo ezikhombisa impilo yosaziwayo uLegend Manqele, onenkampani iThe BarLeader Production.
UPhrojusa walo, u-Ayanda Melansi unguphrojusa emsakazweni Ukhozi FM.
Ekhuluma neSolezwe, u-Ayanda uthe ujabule futhi unovalo ngokukhiqizela ithelevishini izinhlelo kodwa ukusondelana noLegend, kumsizile.
“Besisizana kakhulu ngesikhathi siqopha njengoba besifundisana izinto ezihlukene. Ubesho kimi athi angimfundise izinto ezihlukene ngomaskandi nangempela ngimtshele lokho afuna ukukufunda, nami ngokunjalo bengisho ukuthi angifundise engifuna ukukwazi kulo mkhakha wokuqopha izinhlelo, nangempela angisize. Ngijabule kakhulu ukusondelana naye,“ kusho u-Ayanda.
Uthe eqopha lolu hlelo, ubematasa nangezincwadi efunda kodwa akanavalo njengoba ebezinikele kukhona konke.
“Bengizinikele njengoba bengizitshela ukuthi lokhu ngizokwenza kokubili, ngiyathemba abantu bazolujabulela lolu hlelo,” kuphetha u-Ayanda.
Lolu hlelo luqala nje, ngo-Okthoba 23, uKhuzani uzoqopha i-video yengoma yakhe ethi Ijele, eWorkshop, eThekwini.
Kuthi ngo-Okthoba 24, ayiqophe eGoli, epaki iJeepe.
UKhuzani unxuse abalandeli bakhe ukuthi baphume ngobuningi kuyona yomibili le micimbi njengoba kuzobe kusaqhubeka kuqoshwa uhlelo.