ABANTU bakuleli bancome ukungabi bikho ukugxekana nomsindo ezinkundleni zokuxhumana phakathi kosaziwayo bakuleli uSimphiwe Ngema noTino Chinyani abamemezele izindaba zokuphela kobudlelwane babo bezothando.
USimphiwe obebungaza usuku lwakhe lokuzalwa ngempelasonto, uveze ukuthi yena noTino abanendodana enonyaka, abasekho ebudlelwaneni bezothando.
Lezi zindaba zithuse abaningi, njengoba laba bekubonakala befaka izithombe bejabule eKapa.
USimphiwe kwi-Instagram uveze ukuthi ufunde okuningi angeke akukhohlwe ebudlelwaneni abenabo noTino.
“Udaba lothando oluhle selufinyelele emaphethelweni.
Lolu thando kube ngolunye olungifundise izinto eziningi njengoba lukhuluma ngabantu ababili abalwe izimpi eziningi ukuze bagcine bebobabili.
Ngifunde ukuthanda, ukuphila, nokuphinde ngimamatheke.
Ngiyohlala ngijabule ngakho konke ongifundise khona,” kusho uSimphiwe.
Uthe akufisayo manje wukuthi uNkulunkulu abanike amandla yena noTino okukhulisa indodana yabo.
“UNkulunkulu makasisize sikwazi ukukhulisa indodana yethu, uTiyani Chinyani, naye esiyohlala singabazali, angeke simdumaze njengoba uma esidinga siyohlala sikhona.
Akukho zinyembezi la, kube nje yisifundo engisifundile esihambisana nezinkumbulo ezinhle zodwa, ngibe nempelasonto emnandi,” kuphetha uSimphiwe.
Uthe uyohlala emthanda uyise wengane yakhe futhi bazobambisana ekuyikhuliseni.
Ezinkundleni zokuxhumana u-@DonnahNelly uthe: “Ukuhlukana kwabantu akufanele ngaso sonke isikhathi kuhambisane nomsindo nokulwa. Buka nje indlela abaqede ngayo ubudlelwane babo uSimz noTino okusho ukukhula”.
U-@HermaineM uthe: “USimz noTino bakhombise ukukhula, nokuhlukana okungenamsindo nokungahambisani nokukhulumana kabi”.
Umlingisi uPhuti Khomo uthe: “Ngaso sonke isikhathi silindele ukuthi odadewethu babe nomsindo uma kuphela ubudlelwane abakubona. Ngakho akekho engilindele ukuthi abone uthando kule ndaba kaSimphiwe.
Kuthina kubukeka njengendaba yabantu abamemezela ukuphela kothando phakathi kwabo kodwa uma uyibheka kahle njengoba ihambisana nalezi zithombe, ikhuluma ngokubungaza uthando phakathi kwabantu ababili abagcine ngokuba nengane.”
Laba bazali bamangaza abantu ngenkathi bedalula ukuthi bazoba nendodana njengoba kwakungakaze kuvele ukuthi bayathandana.