UKUBONAKALA kukaSomizi Mhlongo ezinkundleni zokuxhumana ngempelasonto kuvuselele uthando lwakhe kwabaningi.
USomizi selokhu athula du, wavala nokuphawula kwabantu emakhasini akhe ezokuxhumana ngemuva kwezinsolo zokuthi ubehlukumeza owakwakhe emshadweni uMohale Motaung, osehlukanisa naye.
Ukuvula kwakhe amakhasi akhe ezokuxhumana ngosuku lokuqala kweziqephu ezisakazwa bukhoma kwesizini entsha yama-Idols nokungokokuqala ngqa emuva kweminyaka, ngaphandle kukaSomizi, kushiye abaningi bekhala ngokuthi uhlelo kalusafani ngaphandle kwakhe.
USomizi wacela ikhefu ngenxa yezinkinga zomshado wakhe kulandela ukuphumela obala kukaMohale ngezinsolo zokumhlukumeza.
Isililo silokhu sisikhulu ezinkundleni zokuxhumana ngokungabi bikho kwakhe uSomizi kuma-Idols.
Abama-Idols ngeledlule, bamemezela ukuthi kuzoshintshana osaziwayo bakuleli kwezomculo endaweni kaSomizi.
NgeSonto kubonakale uLady Du, ongumculi wa-mapiano esihlalweni sikaSomizi.
Babodwa kwiTwitter nakwiFacebook abathi kungathi kushoniwe, abanye bathi kulunge bengalubuki lolu hlelo, abanye basabisa ngokuthi bazongaweseki ama-Idols.
"Ngizwa sengathi kushoniwe, akunama-Idols ngaphandle kukaSomizi," kusho uDoll kwiTwitter ongumlandeli walolu hlelo.
UTebatso Geniva Molepo kwiFacebook uthe: “USomizi ubesenza sihleke, akekho ongathatha indawo yakhe. Iqiniso ukuthi uhlelo alusafani ngaphandle kwakhe.”
ULethubuhle Mbhele uthe: “Buyisani uSomgaga siyanicela. Ama-Idols awasafani ngaphandle kwakhe.
U-Indiphile Yaliwe uthe: “#bringbackSomizi qha nina, no Somizi, no votes!
UItumeleng Sbongile uthe: “Angeke ngiphinde ngiwabuke ama-Idols ngaphandle kukaSomgaga. Ngiyazi ukuthi u-Unathi usazoyenza into yakhe, kodwa angeke kusafana.”
USomizi ngosuku lwangeSonto njengoba abaningi bebelindele ukubona ukuthi ubani ozobe ehleli esihlalweni sakhe, ubingelele abalandeli ekhasini lakhe lakwi-Instagram, ememezela nokuthi usebuyile ezinkundleni zokuxhumana futhi kusazoba mnandi.
"Seyivuliwe inkundla yokuphawula, ngiyanithanda bantu bami. Ngiyabonga ngokwethembeka kwenu, asiqhubeke nokuhle sidlise," kusho uSomizi. Emuva kwalokho, wababhansela nge-video eneme ehamba ecula emotweni nempintshi yakhe enkulu, uVusi Nova owayenandisa nasemshadweni wakhe.
La mazwi kube sengathi abanikeza amandla abalandeli bakhe njengoba bavele bathelekela uMohale bambeka amabala, bemsola ngokuba yiqola. Babodwa abathi uSomizi ngabe akufikanga ekutheni amiswe kuma-Idols ukube wayengazange ashade noMohale.
UMohale useze waphoqeleka ukuthi avale inkundla yokuphawula kwabantu kwikhasi lakhe lakwiFacebook. Lokhu kwenzeka emuva kwamasonto abantu bebonakala bezwelane naye uMohale kodwa muva nje, amatafula amuphendukele njengoba abantu sebehamba noSomizi abamfuna ebuyile kuma-Idols.
Yize kunjalo, abama-Idols bakubeke kwacaca ukuthi ngesikhathi esahlabe ikhefu uSomizi, kuzoba khona amajaji ahlukene azobonakala kulolu hlelo njengoba kwenzekile kule mpelasonto. Babodwa abalokhu bephakamise njalo igama likaKelly Khumalo kodwa abama-Idols bebengakathi vu ngoKelly noma angase abonakale yini kulama jaji azomenywa kulolu hlelo.