SEKUSUKE umsindo phakathi komculi we-Afro pop, nokamaskandi ngemva kwezinsolo zokuthi kukhona odle omunye izithende.
Isolezwe ngeSonto lihabule ngomthombo walo ongashayi eceleni ukuthi isimo sibi phakathi kukaQueen Lolly noBuselaphi, kuthiwa abasakhulumisani. Kusolwa ukuthi umsindo ususwe yiqembu labesifazane Izwi Lembokodo, elisungulwe nguQueen Lolly, ngenhloso yokuthi balekelelane bebodwa bengabesifazane abaculayo uma benemicimbi.
Kusolwa ukuthi uBuselaphi uliphendule elakhe, maqede wenza ababengavumelananga ngakho ngalo.
“ Iqembu lihlanganisa abaculi uQueen Lolly, Bonakele, AmaYellow Bones, Ndoni, Buselaphi noVumile. Lasungulwa nguQueen Lolly, wacela ukuthi babambisane bonke kodwa kungafakwa abaculi abaningi ngaphansi kwalo ngoba lisanda kusungulwa.
“Inkinga ukuthi kubonakale uBuselaphi esethi ngelakhe, esefake nabanye abaculi kulona njengoba ezoba nomcimbi abazobe bemseke kuwona bonke abaculi abaseqenjini. Omunye umculi ovelayo ukuthi umfakile uGlama kaMaskandi, ongeyona ingxenye yeqembu nokuyinto ecasule uQueen Lolly,” kuchaza umthombo.
Echaza kabanzi uQueen Lolly, uthi impela usenqume ukuthi aphume eqenjini ngenxa yesenzo sikaBuselaphi.
“ Singiphethe kabi isenzo sikaBuselaphi ngoba ungumculi engimhloniphayo. Ngangikujabulela ukusebenza naye njengomculi osenesikhathi endimeni kodwa ngidumele ngendlela enze ngayo. Ngisho nabanye abaculi esinabo eqenjini abanelisekile ngesenzo sikaBuselaphi. Nabo bakhala esifanayo sokuthi abayithandanga into eyenziwa wuBuselaphi,” kuchaza uQueen Lolly.
Kuthintwa uBuselaphi uthe uyadumala ngesenzo sikaQueen Lolly.
“ Mina angilidlile iqembu futhi ngiyakuvuma ukuthi lisungulwe nguyena, uQueen Lolly. Njengoba kuyinto esasivumelene ngayo ukuthi sizosebenzisa iqembu ukulekelelana, bekumele ngikhulume ngalo uma nginomcimbi engizowenza. Empeleni Izwi Lembokodo, ngilicuphisile emcimbini wami engizowenza ngoba nomxhaso wokuwenza ngiwuthole kwiNational Arts Councel (NAC).
“Abanye abaculi abangeyona ingxenye yeZwi Lembokodo ngisebenzise iBuselaphi Gxowa Foundation, ukubafaka ngoba wumcimbi ebesengiqalile ukuwuhlela. Ngiyaxolisa kuQueen Lolly uma kungukuthi kukhona okumphathe kabi nengikwenzile. Ngiyakuqinisekisa nokuthi Izwi Lembokodo lisungulwe nguyena,” kucacisa uBuselaphi, eziphendulela.
Umcimbi kaBuselaphi uzoba ngoMashi 5, KwaNongoma.