UKUBA usaziwayo akusho nje ukuvelela kulowo mkhakha okuwo kuphela kodwa kuhambisana nogazi, ukuba semehlweni abantu nokuba undabamlonyeni cishe nsuku zonke.
Iningi labantu abadumile bazithola benengcindezi njengoba sekwaba khona nezinkundla zokuxhumana lapho bedlalana khona imilala osaziwayo. Yingakho iningi ligcina selithenga abalandeli kodwa dololo udumo. Bese kuba khona okungadingi ngisho ukuthi baze bavule umlomo noma basho okuningi ukuze babe nesasasa.
Phakathi kwabo kubalwa intandokazi yowesifazane uMaDlamini oselokhu kuqale unyaka uhamba phambili ezinkundleni zokuxhumana. UMaDlamini akukho khono elitheni agabe ngalo kodwa uma eqhamuka kuyacaca ukuthi sekungene intokazi. Ugcine esengomunye wabantu abamenyelwa imicimbi emikhulu kuleli kwazise uyazifela nangomculo nokuqhulula amahlaya.
UNgizwe Mchunu owayengumsakazi woKhozi FM, abaningi babezitshela ukuthi sekuphelile ngaye emnyakeni eyedlule ngesikhathi ekhonjwa indlela yilesi siteshi. Muva nje, itshe ligaya ngomunye umhlathi njengoba edume edlula ngisho abanye babasakazi. UNgizwe obeke phambili isintu, aphinde aqhakambise impilo yamabhinca uphinde akhulume ngokungancethezi ngezinto ezithinta ipolitiki nokwenza iningi labantu limethembe.
Kuzokhumbuleka ukuthi nangezibhelu ngo-2021, kwakuyingwe nengonyama kuye nosopolitiki ngetemu elithi Azikhale nokwazala necala lokubhebhezela izibhelu, aphume kulo phambili enkantolo yeMantshi yaseRandburg, eGoli, ngoNovemba. Lokhu kwanezelela ugazi ebenalo kubantu bembonga ngokuveza amahlazo ezepolitiki.
Uthisha ofunde wagogoda nowaziwa ngelikaKing Nuba ngomunye wabantu abalokhu belandelwe njalo bethandwa nangokwenza izingoma ezidla ubhedu ezinkundleni zokuxhumana. Ukusiza abantu bachithe isizungu sekuthathwa njengobuciko nokwenze wahlomula ngendondo kumaSatma kulo nyaka.
Isiphalaphala sikasopolitiki uSizophila Mkhize nosaziwa ngeMeme kazwelonke ngomunye wabantu abangaconsi phansi kubantu. Yize ezikhulumela ngowakhe kodwa isikhathi esiningi unameka isithombe sakhe esisuke sixoxa indaba bese kuchwaza. Kwingxoxo ekhethekile naleli phephandaba, waveza ukuthi lokhu akakuhleli nakancane kuyaqondana nje. Iningi lezithombe zakhe lisetshenziswa ezinkundleni zokuxhumana uma abantu bethumela umyalezo othile ngaphandle kokubhala phansi.
Isilomo sokholo, uThinah Zungu, onguyise womculi wokholo omncane uNdumiso, naye ubahola phambili njengoba engayiphethi indaba engabakhumbuzanga abantu ukuthi uneminyaka ewu-33, isitezi ne-swimming pool. Ukungakhuli kweminyaka yakhe nesitezi kugcine sekuzala nabanye abalandeli ebebengagxilile kowokholo.
Nomdwebi wabantu uRasta nakulo nyaka akazange aqhele emehlweni abantu nasezinkundleni zokuxhumana. Ubelokhu ebedwebe njalo abanye ebagwegwisa. Akubi umcimbi noma umngcwabo engazange wakhipha ikhono lokudweba lowo saziwayo, sopolitiki nabeminye imikhakha eyehlukene.