AMAPHOYISA aKwaZulu- Natal, aseveze ukuthi alikho icala lokudlwengula kulesi sifundazwe elike lavulelwa umculi kamaskandi, uKhuzani Mpungose.
Lokhu kulandela ukuthi uNgizwe Mchunu eveze esiteshini sakhe somsakazo iNgizwe Online nakwi- video kuFacebook, izinsolo ezishaqisayo zokuthi uKhuzani wadlwengula intombazane eneminyaka engu-14, waphinde walala nonkosikazi womuntu.
UNgizwe uthe uKhuzani kukhona icala alaziyo nafisan ukwazi ukuthi laphelelaphi?
UNgizwe ukusho lokhu ephefumula ngokushiwo nguKhuzani ngaye kwi-albhamu yakhe entsha, Inja Nogodo.
Kwi-video, uNgizwe uveze ukuthi waxabana noKhuzani ngemuva kokuthi kuhlukane imibono ngemuva kwecala alenza, lokuhlala nengane eneminyaka engu-14 athi wayinukubeza.
“Lokho wakwenza le ngakubo eNkandla, izinsuku ezinhlanu ehlezi nale ngane.
Ngathi mina cha ndoda zinikele emaphoyiseni. Kula saqala khona ukuphambana, kwaphambana imibono. Namanje ngisafuna ukwazi eNkandla esiteshini samaphoyisa ngoba kuyaziwa, ngiyafisa ukwazi ukuthi liyaqulwa noma cha?
“Ungqongqoshe wabesifazane (woMnyango wabesiFazane, iziNgane nabaPhila nokukhubazeka), ngiyathemba ukuthi kukhona asakwenza ngaleli cala njengoba ngizinikele ukuba wufakazi woMbuso.
Ngagcina likhona icala kodwa angazi kwenzakalani,” kusho uNgizwe.
UCaptain Nqobile Gwala okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uveze ukuthi ngokwemininingwane abanayo, alikho icala lalolu hlobo elake lavulelwa uKhuzani emaphoyiseni.
“Sibhekile nasemaphoyiseni aseNkandla, akukho okuvelayo okuthinta lo mculi. Akukho cala kulesi sifundazwe elithinta lo mculi elake laphenywa kwase kuyaphela ngalo,” kusho uCapt Gwala.
Ethintwa uKhuzani ngokuvela kwezindaba zokuthi alikho icala lokudlwengula ake avulelwa lona langaphenywa njengokusho kukaNgizwe, uthe naye akazi kodwa njengoba ebeseke waveza ukuthi udaba lwakhe seluphethwe ngabameli bakhe.
“Ngeke lize liphele leli sonto uNgizwe engawatholile amasamanisi athinta lolu daba.
Yizinsolo ezinzima kakhulu lezi azisho egameni lami. Abameli bese beke bangithinta bengitshela ukuthi kuleli sonto icala lizobe selivuliwe. Ngeke ngidlale uNgizwe mina. Ngizofaka nelinye njengoba esezivumele yena ukuthi nguyena owaqala impi phakathi kwami noMthandeni. Kukhona abantu abashona, nalawo macala sizowavusa ngoba kukhona imindeni eyalahlekelwa ngesandla sakhe,” kusho uKhuzani.
UKhuzani ukuqinisekisile ukuthi ufuna uNgizwe aveze ubufakazi bazo zonke lezi zinsolo azishoyo.
Isolezwe lithinta uNgizwe uthe yena akasakhulumi nezintatheli.
“Ngicela uvele uluvale nje ucingo angisakhulumi lutho mina nezintatheli,” kusho uNgizwe ngamafuphi.