ITHUSE abaningi, yasusa umsindo itattoo yobuso bukaDJ Tira esesibeleni sensizwa yaseMbazwana, ngaKwaMhlabuyalingana, ngesikhathi iyiveza ezinkundleni zokuxhumana.
UNhlonipho Mdletshe (27) uthi akazisoli ngesenzo sakhe yize egxekwa ngapha nangapha ezinkundleni zokuxhumana.
Exoxa neSolezwe ngeSonto, uNhlonipho, ongathandanga ukudalula umsebenzi awenzayo nenkampani ayisebenzelayo, uthe isinqumo sakhe wasithatha ngaphandle kokunanaza ngendlela azifela ngayo ngoTira.
“Ekuqaleni intombi yami yayingayizwisisi kahle eyokuthi ngidwebe ubuso benye indoda kodwa yagcina ichazelekile ukuthi umzimba wami lo futhi nayo ivumelekile ukuthi yenze noma yini eyifisayo ngomzimba wayo,” kusho uNhlonipho.
Uthe itattoo yakhe wayidweba ngo-2000 ngoba echazwa yindlela uTira azimisela ngayo kwakwenzayo.
Uveze ukuthi basezinhlelweni zokukhipha isitatimende noTira, lapho imininingwane eminingi izovela khona kodwa wakubeka kwacaca ukuthi akanaso isifiso sokuba ngumculi ngelinye ilanga.
“Angikaze futhi angithandi ukuba wumculi. Lokhu engikwenzile bengikwenza njengendlela yokukhombisa ukuthi ngiwumlandeli wokuqina kaTira,” usho kanje.
Ebuzwa ukuthi kungenzeka yini ngelinye ilanga azithole esedweba itattoo yomunye umculi, uthe akaziboni ekwenza lokho.
Uthe abazali bakhe basaphila bobabili kodwa abakaze bayibone le tattoo esesibeleni sakhe futhi noma ngabe bayayibona “vele usemdala ngokwanele ukuzithathela izinqumo zakhe”.
Wale waphetha ukudalula igama lomdwebi wama-tattoo owenza lo msebenzi oncomekayo emkhipha njengoba enjalo uTira.
Ngokujwayelekile abantu badweba amatatto obuso bezihlobo zabo noma izithandwa zabo, nakho okuba yinkinga uma sekuhlukanwa, sekumele badwebe okunye phezu kobuso babo.
UDJ Tira usanda kunameka ekhasini lakhe laku-Instagram, isithombe se-tatttoo kaNhlonipho, sihambisana ne-emoji yomuntu othwele izandla ekhanda nombhalo othi Hhaybo.
Imizamo yokuthola ukuphawula kwakhe ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belukhala lodwa nomyalezo athunyelelwe wona engawuphendulanga.