EMUVA kwesikhathi eside ebekezelele ukugconwa kukaDJ Tira ngokuba yise wengane yakhe, uBabes Wodumo usephumele obala ngalezi zinsolo. UBabes uphumela obala nje namuhla wusuku lokuzalwa lukaTira. Imiyalezo yokumfisela usuku oluhle ilokhu ingena idedelana, noBabes Wodumo akasalanga ngaphandle njengoba eze wanameka izithombe zabo bobabili zamzukwana. Yilapho kusuke khona umsindo, abantu bethi vele ufisela uyise wengane yakhe usuku oluhle lokuzalwa.
UBabes ukhala ngezinga lokungahloniphi kwabantu nomonakalo abangawenza emshadweni kaDJ Tira ngalezi zinsolo. Kukhona konke lokhu okwenzekayo, lo mculi uzwela unkosikazi kaDJ Tira. "Njalo nihlezi nithi ingane ekaTira. Uthini nje umfazi wakhe uma nikhuluma kanje? Niyadina nina ngesinye isikhathi, uma ungazi ukuthi uzothini, ngicela uphume lana," kusho uBabes wodumo kwiFacebook. Yize esephumele obala ngemizwa yakhe ngalokhu, abanye basaqhubeka nokukwenza ihlaya. Bakhona abazwelana naye kodwa kunabanye abathi ukhuluma nje ukudunga ingqondo kuMampintsha ukuze anganaki.
Kuzokhumbuleka ukuthi le ngane, esize yaduma ngegama likaSipontshi, ayikaze ivezelwe abantu nokuyinto ababeyijahile abalandeli. Kunalokho isize yaduma nayo ezinkundleni zokuxhumana negama layo eyalethiwa ngugogo wayo ozala uyise kwazise wayesola unina ngokuthi akakhulelwe, wenza isisu ngezindwangu nezipontshi.
Babodwa abathi uBabes Wodumo noMampintsha abavele bayiveze ingane ngoba bazoqhubeka nokukhuluma uma bengayiboni. Le ngane selokhu yazalwa balokhu beyiveza umhlane abazali bayo ngezizathu zabo nokungezinye zezinto abalandeli babo abalokhu beshaya amakhala ngazo. UBabes noMampintsha bavamise ukungazikhathazi kakhulu ngemibono yabantu, namhlanje okokuqala ngqa ukuthi uBabes aphawule ngale ngane.