UKHALA ngokuthi uboshwe enayo imvume yokuhamba emuva kuka 10 ebusuku okuyisikhathi okungavumelekile ukuthi kuhanjwe ngaso njengoba elakuleli lisesesigabeni sesithathu somvalelandlini, uZodwa Wabantu oboshwe amaphoyisa phakathi kwamabili. UZodwa Wabantu kusabalale i-video emveza evalelwe esitokisini leli phephandaba elingakamtholi ukuqinisekisa yonke imininingwane. Kule video ubonakala ephakathi ephendulana namaphoyisa embuza ukuthi uyakuqonda yini ukuthi uvalelwe ngokuphula umthetho weCovid-19 olawula abantu ukuthi bangabi uvanzi.
UZodwa Wabantu ubelokhu elwe njalo ekhala ngokuthi ayikho into aboshelwa yona ngoba unayo imvume kanye nozakwabo asebenza nabo. Amaphoyisa abonakala endawonye emthatha izithombe emqopha nama -video. Khonamanjalo amanye amsola ngokuthi uphikisana nawo ngoba efuna ukubukwa ezinkundleni zokuxhumana . Eziphendulela uZodwa Wabantu uthe udumo yinto aphila ngayo futhi ambopha nje ubevele eyoshaya adume ngazo ukugovoza okuyikhona okumakhele udumo.
Ubesebhala nasezinkundleni zokuxhumana ngalesi sigameko waveza nezinsolo zokuthi amaphoyisa ebefuna awagwazele. "Bukani le ndoda ebingifuna u-R5000 emgwaqweni ngesikhathi iphoyisa lifuna imvume yokuhamba ngesikhathi esingafanele. Sinayo imvume yokusebenza noma ingasiphi isikhathi ngaphandle kwama- club. Nginezinye izinhlelo kwithelevishini, bese ngisalelwe imuzuzu eyisishiyagalombili ngifike endlini yami. Owesifazane ophethe iselula ubengichapha ngenhlamba engibiza ngamagama sagcina sesithukana," kusho uZodwa Wabantu. Leli phephandaba liyazama ukuxhumana nalo saziwayo ukuthola kabanzi ngesimo sakhe kodwa ubengakatholakali ocingweni.