MBALI KHANYILE
AKANANDABA unkosikazi wesine kaMusa Mseleku, ogxekwa ngababukeli futhi uthi ngeke akufake ekhanda abakushoyo ngaye.
UMbali MaNgwabe Mseleku, ongunkosikazi wesine kaMseleku, ugxekwa ngababukeli bohlelo Uthando Nes’thembu, olukhonjiswa kwiMzansi Magic ( 161) ngoLwesine. Ukugxekwa kuza emuva kokuthi ebonakale ohlelweni engaswabulukile ngesikhathi umndeni uvakashele eSimangaliso Wetland, eSt Lucia.
Ohlelweni uMaNgwabe ubonakala engenaso isikhathi sayo yonke into ebeyenziwa kodwa waqala ukuswabuluka ngenkathi umndeni usuhlanganela isidlo sasebusuku. Lokhu kuqubule izinkulumo ezinkundleni zokuxhumana, nokugxekwa ngababukeli.
Ekhuluma neSolezwe ngeSonto, uthe wayesanda kuyohlinzwa indlebe ngenkathi kushuthwa uhlelo, ngosuku ababezikhiphe ngalo.
“Abantu bayohlale bekhuluma futhi angibanaki nhlobo ngabakusho ngami ngoba kuyilungelo labo ukubeka imibono yabo. Namanje indlebe ayikapholi kahle yingakho kwakungelula ukuthi ngijabule njengabo bonke abantu esasinabo. Konke okunye okukhulunywayo angikwazi,” kubeka uMaGwabe.
Kwesinye seziqephu kwavela ukuthi uMaNgwabe waziba ezinye zezingane zikaMseleku, ezizalwa ngomunye wamakhosikazi akhe ngenkathi zimbingelela.
Ephawula kulokho, uthe: “Angiyena umuntu ongena indaba yezingane. Njengoba ngachaza ohlelweni, angizizwanga zibingelela. Kuyenzeka kunoma ngubani ukuthi ungamuzwa kwesinye isikhathi umuntu uma ekubingelela,”
Ebuzwa ngonkozikazi wesihlanu ofunwa nguMseleku, uthe akafuni ukungena kuleyo ndaba. Ukushuba kwezinto okugqama eziqeshini zohlelo kuholele ekutheni, ababukeli abaningi baphawule ngamakhosikazi kaMseleku, basole nokuthi awahoshelani.