UKUTHAKATHA yize kuyinto ezwakala kuyinto yabathile abakholelwa kuyona futhi engaphatheki kodwa isangoma sesimanje, uGogo Maweni sesikhulume ngakho kwaze kwajwayeleka ezinkundleni zokuxhumana.
Uveze ukuthi umatasa nezinhlelo zohlelo lwakhe lwePodcast okulindeleke ukuthi luvule abantu amehlo ngezinto eziphathelene nobuthakathi. Yize efunde wagogoda phesheya kwezilwandle kodwa ukuba isangoma esigxile emakhambini esintu ngenye yezinto angazenyezi ngazo.
Lolu hlelo uveze ukuthi luzogeqa amagula ngamakhambi ahlukene athathwa njengawokuthakatha.
"Inhloso enkulu wukuveza obala izinto, sifundise kube nanezisombululo," kusho uGogo Maweni.
"Ngiphuphe ngawe gogo, ngicabanga ukuthi nguwena ozongisiza ngezobudlelwano bami," kusho uZinhl.edlamini.
"Ngizolubuka inqobo uma lungenazo izindaba ezisabisayo," kusho uHloniphilemhluzi.
"UMaweni umengameli," kusho uNelisiwe.nelly.
"Ngaze ngalujabulela lolu lwazi," kusho u-Eiko_matsune.
"Ngiyakuthanda mntwana wethongo. Ngiyafisa ukuhlangana nawe ngelinye ilanga," kusho u-Amish_jm.
"Ngicela usiphe ilink uma sewuqalile gogo," kusho u-Avumile_twani.