Uthi kukhona abafuna ukumlawula ukuthi aziphathe kanjani uma ekwakhe.
Ubephendula Isolezwe NgoMgqibelo ngemva kokusabalala kwevideo ezinkundleni zokuxhumana, naziqophe kuyo ebukeka “ebukhile”.
Kuchwaze izinkundleni zokuxhumana bebodwa abathi udakiwe, uyabhuquza. Abanye abaculi baze baphakamisa ukuthi kumele athole usizo ngoba kubukeka sengathi usephuza kuze kweqe. Ngokusho kukaZahara, ubucula kule video neqembu elingasebenzisi izinsimbi, uthi ubezijabulele futhi ezihlalele emzini wakhe.
Eziphendulela uZahara ubeke kanje: "Abantu abangiyeke ngenze engithanda ukukwenza uma ngikwami. Nami angisoze ngabatshela ukuthi abenzeni uma besemizini yabo.“ Usho lokho maqede wasikhihla isililo.
Zolo lokhu uZahara ukhiphe i-albhamu yesithupha esihloko sithi Inqaba Yami. Uthe akasilo uvanzi futhi ukhonze ukuzihlalela kwakhe azijabulise. "Wake wangibona ngiku-red carpet emicimbini? Awusoze! Ngiya kuphela uma ngiqokiwe."
Ebuzwa ukuthi uthini ngenkulumo kaDJ Maphorisa, ethi udinga umthandazo. UZahara uthe uDJ Maphorisa noZodwa Wabantu bazama udumo ngaye. Uthe akazi bamsuka ngani ngoba akazani nabo.
UZodwa usanda kutshela uLasizwe Dambuza ohlelweni lwakhe olusakazwa kwiYouTube, iTruth or Drunk, ukuthi umnyanya kabi uZahara. "UZodwa Wabantu angazi sibangani naye ngoba asijwayelene."
Ubuye wacacisa ukuthi le ndoda asanda kubonakala nayo imnikeza izimbali akalutho nayo kodwa udokotela wakhe.
"Nginaye umuntu engithandana naye. Kwangiphatha kabi uma sekuthiwa ngithandana nodokotela wami, uJaftha. Babengiqhatha nomuntu wami. Babefuna athi kukhona okwenzekayo phakathi kwami noJaftha kanti ungudokotela wami, qha."
Unqabe waphetha ukudalula umuntu wakhe. Esegxila kule albhamu uthe ukhuluma ngezigameko ezimehlele kusukela ekuhlukunyezweni yinkampani abeqopha kuyo. "Ngihlukumezeke kakhulu mina."
UZahara ushiywe ngudadewabo uNomonde Mkutukana (45) ngoMashi kulo nyaka. Ngenyanga elandelayo ugwetshwe izinyanga izintathu noma inhlawulo kaR1 500 ngokwehluleka ukuvela enkantolo ngecala lokudoja ukukhokhela intela.
Kuyabonakala nangezingoma eziboshelwe kule-albhamu ukuthi ubalisa kakhulu kuNkulunkulu. Yingakho kugcwele nezingoma zokholo ezithi Nqaba Yami, Ndincede, Izolo nethi Bawo. Uthe okwenza azethembe ngale albhamu wukuthi usebenzisane nophrojusa wakhe wakudala, uMojalefa Thebe.