NGESIKHATHI izakhamizi zaseNingizimu Afrika zigajwe injabulo yokuthatha iNdebe yoMhlaba eFrance kwamaNhokobhoko, umculi wakuleli ubongele izimbangi zakwelinye izwe nokumdonsele amanzi ngomsele.
Izakhamizi zakuleli okubalwa nabanye bosaziwayo, zishiye ezingalazi kuPrince Kaybee oncome iqembu leNew Zealand ngokudlala ngendlela encomekayo yize lingasithathanga isicoco.
Akagcinanga lapho, ube esephetha ngokuwabongela namaBhokobhoko ngokudla umhlanganiso.
"Beku wumdlalo omangalisayo impela, bafana nidlale ngenhliziyo yenu yonke ngebhadi nangawina. Ngiyanibongela maBhokobhoko," kuhalalisa uKaybee.
Yiwo kanye la mazwi enze izakhamizi zakuleli zadinwa zagana unwabu, zagasela ekhasini lakhe lakwi-Facebook lapho kunalo mbhalo khona.
"Wena usangana kakhulu manje," kusho uLindo Nkosi.
"Engathi angikuthandisisi nje yizo lezi," kusho uModelkaz Dlamini.
"Bese ucabanga ukuthi sizoqhubeka nokukweseka, kusukela manje sewuzokwesekwa yiNew Zealand," kusho uNomcebo Mpungose Gamede.
"Cha, uthanda ukubukwa wena namehlo engathi ukhishwa isisu," kusho uSizophila Ntwenhle Mkhize.
"Uhlala uphambana nehlombe bafo," kusho uSiyanda Calvin Ntenga.
"Thutha uyohlala khona, iNingizimu Afrika kumele ingakubhukhi," kusho uCalvin Mojalefa Mandlakapheli Mathibela.
Iningi libantu liyaqhubeka nokukhalaza kuleli khasi likaKaybee, liyagcizelela nokuthi akasafanelwe ukwesekwa ngabakuleli ngenxa yamazwi akhe.
UKaybee yize etinyelwa kodwa kubukeka eqhubeka nempilo enameka eminye imibhalo kanjalo nezithombe zakhe. Yize kunjalo nabantu bakuleli kabapheli moya, balokhu bemngcofe njalo.