UZOHANJELWA yinqwaba yosaziwayo umcimbi wokuvulwa kwe-21st Kwamashu African Film Festival (KAFF) eK-Cap Ekhaya Multi Arts Centre, Kwamashu kusukela ngoDisemba 10.
Leli dili okuhloswe ngalo ukuqhakambisa amafilimu ase-Afrika, lizothatha izinsuku ezinhlanu futhi kuzoba nezifundo, izinkundla zokuhlomisana ngolwazi, nezingxoxo okuzobe kudingidwa kuzo ngokunotha kokuxoxwa kwezindaba zase-Afrika.
Le ndumezulu yombukiso izovulwa ngefilimu esihloko sithi Love Lottery, okuwumdlalo oqondiswe nguMlungisi Mhlanga. I-Love Lottery ebophele abalingisi abaqavile baKwaZulu-Natal, ikhuluma ngowesifazane osemusha ozama ukweba ithikithi leLotto lobeyisoka lakhe.
Kosaziwayo abakulo mdlalo kubalwa uNombulelo Mhlongo wodumo kuMkhokha The Curse, uNelisa Mchunu olingisa kwiMy Brother's Keeper, uThabo Malema, noPhilani Brown.
Abazobe bephethe uhlelo emcimbi ngohlabane umncintiswano i-Actor Spaces Monologue Marathon, uNqobile Masondo, no-Amanda Madida ozobe enkanise kwi-red carpet.
Umsunguli weKAFF, u-Edmund Mhlongo, uthe abakujabulela kakhulu ngombukiso wamafilimu ukuthi bagubha iminyaka ewu-21 wasungulwa nokuthi unikeza inkundla abakhiqizi bamafilimu ukuba bakhangise ngamakhono abo.
"Njengoba siqeda iminyaka ewu-21, siyakhunjuzwa ngobumqoka bukakhiye wokuvula iminyango njengegxathu lokusuka kwesinye isigaba uya kwesinye empilweni. Njengoba sithi impilo iyifilimu, kulo nyaka kuqala isahluko somsebenzi esizimisele ukusungula ngawo amathuba kulabo abawadinga ngempela ukungena embonini yefilimu. Sikholelwa ekutheni izindaba zase-Afrika, zinamandla ekufakeni ugqozi nofuqufuqu, ukufundisa nasekujabuliseni. Ngakho simagange ekugubheni izitori nezithameli zethu."
Ngaphandle kosaziwayo kuzobe kukhona abamele izinhlangano nezinkampani eziklama indima emkhakheni wamafilimu, okubalwa iDurban Film Office, KZN Tourism and Film Authority, SAGA, DUT.
Ezinye izinkalakatha ezilindeleke ukuba zihambele umcimbi ngoLucky Simayile, Siphesihle Cele, Nompilo Maphumulo, Amanda Madida noGugu Mzobe. Ingosi ethakaselwa ngabaningi ebizwa nge-Hosting a TV Family.
Nyakenye ababehambele umbukiso bathola ingqayizivele yokuhlangana nomndeni womdlalo iSibongile and the Dlaminis. Kulo nyaka kufihlwe induku emqubeni ngomndeni ozobe ukhona.
Lo mbukiso uzovalwa ngoDisemba 15, ngefilimu ethi Amathambo, edidiyelwe nguSabelo Ndlovu, noBusani Mbili.
Kubalingisi abagqamile abazobe bekhona kukhona uSiphesihle Cele, Mpume Mthombeni, Mlungisi Ndebele, Lihle Shoba, Sabelo Ndlovu noBusani Mbili.
Amathambo akhuluma ngodaba lomndeni ozama kanzima ukuthola ukwelashwa.
Ngaphezu kwalokho, izihambeli zomcimbi wokuvula nowokuvala zizozitika ngewayini, ngomdanso nangomculo nobuhle bengqephu ezoqhakanjiswa nguDolly Ndlovu.
Ngemininingwane egcwele ngeKwamashu African Film Festival, okubalwa uhlelo oluphelele ngayo, kungavashelwa kule-website: www.kcap.co.za.