UKUZINIKA isikhathi sokubheka izinhlobo zezinkampani ezisiza abalingisi ukuthola umsebenzi phecelezi ama-agency,, iyona nto ebiseqhulwini kwizikhulumi zabalingisi abacobelele intsha ngolwazi kumbuthwano obuseKCAP, KwaMashu, iKwaMashu African Film Festival (KAFF).
Omunye wabalingisi abebeyizikhulumi kulo mbuthwano, uVuyo Biyela olingisa kwiSibongile and The Dlaminis, uthe ubumqoka bama-agent yena wakubona ngenkathi esejoyina i-The River, lapho okwakunemibandela eminingi okwakumele abonisane ngayo nenkampani ekhiqiza lo mdlalo osuwaphela.
“Yilapho engabona khona ukuthi ngiyamdinga umuntu noma inkampani ezoqondana nalowo msebenzi, ngoba iyona ekusiza ngokukubonisa okumele ukwenze nokumele ukwazi ukuze umsebenzi ozowenza uhambisane neholo eliwufanele, futhi basiza nangokukuphendlela amanye amathuba okungelula ukuzitholela wona ngokwakho endimeni,” kucebisa uVuyo.
UNothando Ngcobo wodumo lukaHlelo emdlalweni ongeminye yehamba phambili ngababukeli ezweni, Uzalo, uxwayise izihambeli ngokuthi uma seziqoka i-agent ezizosebenzisana nayo, zibheke ukuthi ibhalisiwe yini kwiPMA (Personal Managers Association), ukugwema ukujoyina inkampani ezobaqola imali.
“Enye into esemqoka nesizayo wukuhlale uzinakekela njalo, ugcine umzimba wakho nephimbo lakho kusesimweni esifanele ukusiza ukuthi uma sekuvela amathuba okuya kwinhlolokhono ethile ukwazi ukuhlaba umxhwele abasuke behlola ikhono lakho, okuzokwenza ukuthi ne-agent yakho ikhuthale ukukufunela nokukwazisa ngeminye imisebenzi endimeni,” kusho uNothando.
Kuwo futhi lo mbuthwano kukhuthazwe abangakagqami kule ndima phecelezi ama-background actor, ukuthi bangapheli moya, kepha basebenzise lawo mathuba amancane abawatholayo ukuzakhela igama nokufunda okuningi ngezokulingisa.
Kunxuswe nokuthi abalingisi baqhubeke basebenzise zinkundla zokuxhumana ukukhulisa nokusabalalisa umsebenzi wabo wobuciko, ukusiza ukwandisa amathuba okuqasheka endimeni.
Ezinye izikhulumi ebezikulo mbuthwano ngoCassandra Garofallou, Shaun Stander, noLondiwe Shange obengumqondisi wohlelo.
Nanamhlanje ziyaqhubeka izinhlelo ezahlukene ze-KAFF, esibuya ihlandla lesi-21 nonyaka. Lo mcimbi uzosongwe ngeSonto.