NKOSIKHONA CELE
ISEMBHIDLANGWENI wokuhambeza izikole nezikhungo zabantu abadala inhlangano engenzi nzuzo, iHlengiwe Sabela Foundation.
Umsunguli wale nhlangano nguNkk Hlengiwe Sabela osanda kunqoba isicoco sokuba nguMrs South Africa.
UNkk Sabela uthi bayinhlangano ekubeka eqhulwini ukuhlonishwa kwezingane nabantu abadala.
Umkhankaso wokuhambela izikole nezikhungo zabantu abadala uthi umayelana nokubheka inhlalakahle yezingane nabantu abadala.
Ngokusho kwakhe uthi inhlangano yakhe yelula isandla lapho ebona khona ukuthi kunesidingo sokuthi yenze khona kanjalo.
Muva nje ibikade ihambele isikhungo esibizwa ngokuthi, uMthande uMuntu Omdala Society, sakwaDabeka.
Kulesi sikhungo le nhlangano inikelele ogogo abangu-300 ngamagilosa okudla.
“Mina ngikholwa ukuthi ayikho into emqoka ngaphezu kokunakekelwa kogogo. Iningi lethu likhuliswe ogogo, ngakho ke kumele senze isiqiniseko esikhulu sokuthi bayanakekeleka,’’ kuchaza uNkk Sabela.
Uthi njengenhlangano bazobhukula benze konke okusemandleni ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi bahambela izikhungo ezahlukene ezikhona esiFundazweni iKwaZulu-Natal.
“Mkhulu umsebenzi ogogo bethu abasenzele wona emindenini yethu. Manje sekuyisikhathi sokuthi bathole okuhle okuvela kuthina,’’ egcizelela.
UNkk Sabela uthi ukholwa ukuthi kungaba ngcono kakhulu impilo yogogo uma kunganda izinhlaka nezinhlangano eziphosa itshe esivivaneni ukubalekelela ngezindlela ezahlukene.
UNkk Sabela ugane usomabhizinisi ophinde abe nguMbhishobhi, uMnuz uGraham Sabela oyisiKhulu esiphezulu senkampani iG Force Employement Solutions.