UQALILE umshikashika wokupheka intsha enekhono nothando lokulingisa esikhungweni sezobuciko saKwaMashu, iKhaya Multi-Arts Centre (K-CAP).
Isolezwe lizifikele mathupha lazibonela kuqeqeshwa amaciko asafufusa.
Kulesi sikhungo kunamaciko acijwa kuso okubalwa kuwo u-Angel Zuma onguNomkhosi kuMkhokha, Nompilo Maphumulo obenguNosipho kuZalo, Samukele Mkhize onguKhwezi kwiSkeem Saam, Brenda Mhlongo obenguNandi kwiGenerations: The Legacy, Sifiso Simamane obenguCaptain Mthimkhulu kuZalo noNgane Sikobi.
Umsunguli weKhaya Multi-Arts Centre, u-Edmund Mhlongo, uthe bahlale bemukela abafundi ababalelwa ku-25 abasuke bezongena ngaphansi kohlelo olubizwa nge-Actors' Incubation Mentorship Programme (Aim Pro).
Uthe bathatha intsha eno-Grade 12 ngoba ama-modules nama-techniques bawafundisa ngesiNgisi.
“Sibaqeqesha ukuba bayiqonde kahle indima yezobuciko, bazi ngokusayinwa kwezivumelwano ukuze bengaxhopheki nokuthi bangazakhela kanjani i-profile.”
Uthe babuye babacije emkhakheni wokudansa, ukulingisa nowokucula.
“Sikuqeqesha ukuba wazi umehluko wokulingisa emdlalweni wethelevishini, oweshashalazi nasemsakazeni. Ngikhuluma nje, abanye bagcwele kuZalo, kuMkhokha nasoKhozini. Abanye abagqamile ngoba kukhona abasemkhakheni wokuphaqula, owokukhanyisa izibani nokunye okuningi.”
Uthe umehluko phakathi kwabo nezinye izikhungo ukuthi bona babaqeqesha ngemikhakha edingwa yindima yezobuciko.
“Umfundi simqeqesha ngokwezinga lomhlaba. Yingakho iningi labafundi abaqeqeshwe lapha begcwele ko-The Lion King phesheya kwezilwandle.”
Uthe sekunabafundi abaqhamuka nakwezinye izifundazwe nakwamanye amazwe.
USenamile Thabethe (23) wase-Elandskop, uthe ufuna ukuphuma lapha esengungoti emikhakheni ehlukahlukene. UNobuhle Nxumalo (21) waseLindelani uthe uzothekela kakhulu ulwazi lwezeshashalazi kanti uZoleka Mabi (19) uzibona esewumlingisi ovelele.
Omunye wabaqeqeshi bale ntsha, u-Andile Vilakazi waseMbali, eMgungundlovu uthe ungaphansi kohlelo iYoung Creatives Programme futhi ubuye alingise indawo kaNomcoba kwiNandi The Musical.
USlindile Maphumulo (25) waseNdwedwe uthe uqale wafundela ukuba uthisha e-UKZN ngaphambi kokulingisa indawo kaMzilathi kwiNandi The Musical.
Uthe yena ugxile emidlalweni yesiZulu ekubeni uNontobeko Magalela (27) waseMatatiele esebuya nakuZalo lapho abenguBongi khona.
Uthe uyi-intern facilitator emuva kokuqeqeshwa kulesi sikhungo ngo-2018.