ABESITESHI esisakaza uhlelo olumayelana nempilo yabashadile abasebancane iMoja Love, bathi ukusakaza isiqephu sakamuva sohlelo Isencane Lengane bekuwukukhompisa iqiniso ngempilo kaThando noSiyacela Dlamuka.
Isiqephu sishiye abantu abaningi beveva intukuthelo ngemuva kokukhonjiswa kwesiqephu sesithathu sohlelo.
Uhlelo lwakamuva luthinte abaningi, ngemuva kokuthi uThando eveze izindaba zokuthi ushaywe wumyeni wakhe uSiyacela.
UThando echaza ngento eholele ekutheni ashaywe wuSiyacela, uze wakhala izinyembezi njengoba eveze ukuthi ucishe waqhunyelwa umthungo abeletha ngawo indodana yabo ngonyaka odlule.
Esitatimendeni abasikhiphile abeMoja Love, baveze ukuthi abahambisani nokuhlukunyezwa kwabesifazane kwanoma yiluphi uhlobo.
“Njengesiteshi siyaziqhenya ngokuqhakambisa izinto ezenzeka ngempela emphakathini esiphila kuyona. Ngakho besingeke sikwazi ukufihla ukuhlukumezeka okuqhubekayo phakathi kwalezi zithandani ezweni elikhahlanyezwe yilesi sihlava. Ngakho sikhethe ukuthi sikuveze njengoba kunjalo. Ngesikhathi sokuqopha ababeqopha bazama ukungenelela njengoba bafica impi iqhubeka babiza namaphoyisa kodwa ke banqatshelwa ukuqopha konke lokhu,” kusho isitatimende.
Siqhuba isitatimende, siveze ukuthi uThando isiteshi samnxusa ukuthi avule icala kodwa lokhu wakunqaba nokwagcina ngokuthi bamsuse la babehlezi khona nomyeni wakhe.
“Samsiza ngoziso losonhlalakahle ukuze alulekwe ngokwengqondo. Ngakho ke siluthathela phezulu udlame olubhekiswe kwabesifazane. Futhi bekumele sisikhombise lesi siqephu ukuze siqhubeke nokuveza izinto ezenzeka emphakathini esiphila kuyona,” kuchaza uBokani Moyo ophethe izinhlelo kuMoja Love.
Uthe ukuqeda lolu hlelo ngeke kube isixazululo sokuqhubekayo.
Abantu bakuleli bagxeke isiteshi iMoja Love ngokukhombisa lesi siqephu nababe sebethinta izinhlangano ezihlukene abathe zingaba nesandla ekutheni kuqedwe lolu hlelo kwithelevishini, kuphinde kuboshwe noSiyacela.
U-@Bathandwa95 uthe: “Isiteshi sethelevishini esigqugquzela ukuhlukunyezwa kwabesifazane, ekubeni sikukhokhela ukusibuka, lokhu kuyakhathaza, BCCSA ngenelela.”
U-@NgwenyaPage uthe: “Ukuhlukunyezwa akuyona into esingayenza ijatshulelwe kwithelevishini kodwa kuyinto ebugebengu. Ukuyenza ibukwe, inikwe imali yokuthi iqoshwe nokuthi ize ikhishwe emphakathini, akulungile. Kumele nakanjani ibikwe kwiBCCSA. USiyacela kumele abhekane nengalo yomthetho.”
UZanele MaFaku Ndwayi uthe: “UThando ukuqeda ubudlelwane bakhe nobaba omzalayo kodwa akekwenzi into efanayo kuSiyacela, ngigeza izandla.”
U-@mbali_ndlela uthe: “Bengazi ukuthi uSiyacela uyamshaya uThando. Ungumhlukumezi, uyaphinga futhi.”
U-@sweet_lindt uthe: “Kungani uSiyacela engaboshiwe njengoba engumhlukumezi?
Imizamo yokuthola abakaBCCSA ayiphumelelanga njengoba owesifazane obambe ucingo ecele ukuthi kuthunyelwe i-email, kodwa kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela engaphendulanga.