INTANDOKAZI yomrepha uK.O, isidalule ukuthi ukuhamba emhlabeni kukazakwabo ayeke wasebenza naye kule ndima u-AKA, kwamshiya nesilonda esingapholi. Uthi lokhu kungenxa yokuthi washona behlele ukwenza i-albhamu ngokuhlanganyela.
Engxoxweni neSolezwe, uK.O wodumo lwengoma ethi Caracara nethi SETE, uveze ukuthi u-AKA, owashona ngokudutshulwa ngoFebhuwari wonyaka odlule, wayesanda kumvakashela emzini wakhe, baqopha ingoma eyayizoba kwi-albhamu ababeyipheka.
“Ngangikade ngimgcine ezinsukwini ezimbili ezidlule, ngezwa kuthiwa akasekho emhlabeni, lokho kwangiphatha kabi kakhulu ngoba sase sivumelene ukwenza i-albhamu eyayizoshukumisa inkundla kule ndima. Yingakho kule albhamu engizoyikhipha ngesonto elizayo esihloko sithi I Think I Spoke Too Soon, ngiqoke ukufaka le ngoma esase siyenzile ukumkhumbula,” usho kanje uK.O.
Eqhuba, udalule nokuthi konke kuhamba kahle nasebhizinisini lakhe lezimpahla zokugqoka iSkhanda World, alengamele nomngani wakhe uTsholofelo Moremedi, futhi lisanda kwethula izimpahla zokugqoka zezingane ngenyanga edlule.
“Bese kuyisikhathi eside abantu abathenga izimpahla zokugqoka zelebuli yethu bekhala ngokuthi azikho ezilungele izingane. Sase sibona kufanele ukuthi senze abakufunayo ukuze kuqhubeke umsebenzi ngendlela efanele, futhi indlela ezidayisa kahle ngayo manje kuyakhombisa ukuthi bebengazifuneli ubala,” kusho uK.O.
Lo mrepha ogama lakhe lokuzalwa nguNtokozo Mdluli, usematheni kulezi zinsuku ngengoma yakhe ethi Pasopa, ayishaya no-Usimamane, nethi Let Me Cook, apike kuyona uMaglera Doe Boy, esanda kudayisa yenza igolide.
Zombili izingoma zikhona kwi-albhamu ka-K.O yesihlanu, eyelama amane edlule iSR3 yango-2022, PTY UnLTD yango-2019, SR2 yango-2017 nazibula ngayo ngo-2014 iSkhanda Republic.