Amaphoyisa aKwaZulu-Natal athungatha owesilisa ogwaze amalungu omndeni wakhe ayisikhombisa kwafa amahlanu eBethany, eBergville ngoMgqibelo ebusuku.
Imibiko ithe umsolwa nomalume wakhe bavakashele omakhelwane nokuthe uma bebuya bathola unina ehleli kusofa.
“Imibiko iqhuba ithi umsolwa uthathe ummese kusofa wagwaza unina okwazile ukuphuma abaleke endlini. Ngemuva kwalokho ubheke kumalume wakhe oshonele ephaseji ezama ukubalekela komakhelwane. Umsolwa ube eseqhubeka wagwaza wabulala izingane zamantombazane ezimbili, eneminyaka emibili neneminyaka eyisithuba,” kusho okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda.
Uqhube wathi umsolwa ube esegwaza ebulala owesifazane obekhubazekile kanjalo nomunye osekhulile obevakashile.
Unina womsolwa nenye intombazane eneminyaka emine basindile benamanxeba okugwazwa amaningi emzimbeni.
Uthe udadewabo womsolwa ukwazile ukubaleka nengane yakhe enonyaka. Iminyaka yabagilwa ibingakaqinisekiswa.
“Uphenyo lwamaphoyisa luqinisekise ukuthi umsolwa uke wavulelwa inqwaba yamacala okushaya kodwa asulwa.”
Amaphoyisa anxuse ukuthi noma ngubani onolwazi ngokuthi umsolwa ukuphi athinte isiteshi esiseduze noma ashayele ku-08600 10111.