UMLINGISI ophinde abe wusomahlaya, uCeleste Ntuli, uthi ukuthola ithuba lokwethula uhlelo lwethelevishini, ngohlelo i-We Start 2023 Stronger, obelukhonjiswa kwi-e.tv ngamaSonto, kube yisigxiviso sokuthi usekwenze konke abekufisa endimeni yezikaqedisizungu.
Lolu hlelo lufundisa ngokuphathwa kwemali.
UCeleste (44) waseMpangeni, iningi elimazele emdlalweni wethelevishini osuwaphela Isibaya, uxoxe neSolezwe ngakufunde ngokwethula uhlelo lwethelevishini, obekungokokuqala kwenzeka kuyena, njengoba ebegxile kwezokulingisa namahlaya iminyaka engaphezu kwa-15.
“Nakuba ngibona ukwethula uhlelo kungehlukile kangako ekuqhululeni amahlaya esiteji kodwa ukukwenza kwithelevishini kube wumuzwa owehlukile - kwaba yisigxivizo sokuthi sengenze konke kule ndima.
“Ngijabule kakhulu ngaleli thuba ngoba lingifundise nokungale kokukhuluma phambi kwamakhamera.
“Manje sengibheke izinselelo zokunye okwehlukile engingakaze ngikwenze endimeni yezikaqedisizungu,” kuchaza uCeleste.
Ephetha, unxuse abantu ukuqhubeka nokubuka i-We Start 2023 Stronger, esiphelile kwi-e.tv kodwa iziqephu zayo ezine zisaphindwa kwiMzansi Magic nakwiMzansi Wethu kwiDStv.
“Ngifisa ukuthi lolu hlelo lubuye neziqephu eziningi ngokuzayo ngoba lusiza ukufundisa abantu ukuphatha imali nokuphila impilo efanele,” kuphetha uCeleste.