KUNOXHAXHA lwemicimbi yokugubha inyanga okwazalwa ngayo owayeyinkosi ye-reggae emhlabeni wonke, uBob Marley.
Lo mculi wodumo lwezingoma ezithi: One Love, Redemption Song, wazalwa ngoFebhuwari 6 futhi ubezobe eqeda iminyaka ewu-79.
NamaRasta aKwaZulu-Natal awasalanga ngaphandle kulolu chungechunge njengoba ezogubha le nyanga ngendumezulu yomculo we-reggae ku-75 Hewitt Road, eGlenwood, eThekwini ngoMgqibelo phakathi kuka-10 ekuseni no-6 ntambama.
Omunye wabagqugquzeli balo mcimbi, uSimphiwe Sotoya, uthe bazobuye bagubhe iBlack History Month neReggae Month ngenhloso yokukhumbula wonke amaqhawe amnyama ngalolu suku.
Uthe uhlelo lwanamhlanje luzobe luphethwe ngobengumlingisi weDurban Gen, u-Eric "Coolfire" Hadebe noLong One.
"Emabhendini azobe esina ededelana kubalwa iRoots of Kush (Durban), Undivided Roots (PMB), Essentials (PMB). Kubaculi kuzobe kunandisa oJah Fire, Ras Bongani (Mtuba), Ras Blessings, King Irie, Ras Marshall Arkoh (NRB), Five Minutes Ivhovho (PMB), Jah Wandah Mandulo noJahsun Chron I Tosh (PMB), Jah Blessing, Luwe da Lion, Ras Zero, Ras Mchunu."
Uthe koDJ kuboshelwe uElder Marandi, Bongo Shine, Chalice noRas Simphiwe. Kanti ezimbongini kukhona uThami Mbumba, Mother Tariq noBhuti Zola.
"Lana sizobe sigubha usuku lwemilando wakwantu, siphinde sikhumbule wonke amaqhawe azalwe kuyo le nyanga ayeyingxenye yomzabalazo wabantu nokulwa nokuhlukunyezwa kwabantu. Njengabasunguli bomcimbi, iKZN Reggae Conquerors, sithi wonke muntu wamukelekile futhi kungenwa mahhala," kuphetha uSimphiwe.
* Khonamanjalo, kuyaqala ngoLwesibili emabhayisikobho akuleli ukukhonjiswa kwefilimu ekuthatha ikubeke ngempilo kaBob Marley esihloko sithi Bob Marley One Love.
Kuyona kulingisa phambili umculi uKingsley Ben-Adir noLashana Lynch. Leli qhawe lasishiya emhlabeni esibhedlela eJackson Memorial, e-USA, ngoMeyi 11, 1981, lineminyaka ewu-36 enesifo somdlavuza.