UMLINGISI ongasekho uMpho Sebeng, ungomunye wabalingisi abazobonakala emdlalweni omusha ozokhonjiswa kwiShowmax othi 106FM.
Lo mdlalo uzoqala ukukhonjiswa kulesi siteshi kusuka ngoJuni 26.
UMpho, odlule engozini yemoto ngenyanga edlule, kuwo uzobe elingisa indawo kaDJ Whiskey.
UDJ Whiskey, nozakwabo bazobonakala benza konke ukusindisa isiteshi somsakazo abasisebenzelayo ukuze singavalwa.
Okuholela ekutheni sivalwe ingxabano yoDJ ababili ezwakala bukhoma emoyeni bona benganakile nokushiya uvalo lokuthi abalaleli bazoyithatha kanjani inkulumo ebayizwile kuhlanganisa nezinkampani ezikhangisa esiteshini.
Ekhuluma nabakwaShowmax ngesikhathi beqopha lo mdlalo engakashoni, uMpho waveza ukuthi laba basakazi ngemuva kwengxabano yabo kula bebona khona ingozi abayenzile obungaholela ekutheni kuphele ngekusasa lentsha esebenzela isiteshi.
“UDJ Whiskey ungumuntu othanda ukugqama futhi ufuna ukubonakala ehamba phambili kukho konke. Iyona into ayaziyo kuphela. Ufuna ukuphatha noma yikuphi lapho eya khona, futhi ungumuntu ongalungile. Ngakho nami ngesikhathi ngiqala ngithola ngalo mlingisi kwaba nzima ukumenza aphile, ngazama ngayo indlela ukuthi uma sengimlingisa uDJ Whiskey ngimenze umuntu okwaziyo ukuphila nabanye futhi ngakugqamisa ukuthi ukuze abe yilo muntu awuyena yini eyaholela lapho,” kusho uMpho.
Waveza ukuthi wajoyina lo mdlalo ngoba umlingisi anguye ungomunye wababalulekile futhi ubefuna ukugqamisa okwenzeka eVaal, njengoba kuyindawo engakaze igqanyiswe emidlalweni eminingi yakuleli.
Abanye abalingisi abazobonakala kulo mdlalo uNthati Moshesh, Sophie Ndaba, Sello Motloung, Katlego Mabote, Mapula Mofole, Noni Mafani, Mapaseka Koetle, Joseph Sedibo noMbasa Msongelo.