IQEMBU lomculo wesicathamiya eselizakhele udumo emhlabeni wonke futhi eselihlabane kahlanu ngezindondo iGrammy Awards, lithi lihlose ukubonga nokujabulisa abalandeli balo ngokuhambela izindawo ezahlukene kuleli.
Lokhu kuvezwe nguSibongiseni Tshabalala oyindodana yomsunguli weMambazo, uJoseph Tshabalala.
Kulindeleke ukuthi lijabulise abalandeli ngedili lomculo ePlayhouse eThekwini izinsuku ezintathu, kusuka ngoSepthemba 29, 30 no-Okthoba 1.
USibongiseni uthe, okujabulisa kakhulu ngalolu hambo wukuthi kuzobonakala ubuso obusha, obuzogqamisa umculo wesintu.
“Intsha ezobonakala ihamba nathi, siyithole ngaphansi kohlelo lwesikhungo sethu esithuthukisa amaciko, iThe Ladysmith Black Mambazo Mobile Academy.
Sijabule ukuthi umsebenzi walesi sikhungo usuthele izithelo ezingaka. Konke esizobe sikwenza siyathemba ukuthi kuzoletha inkuthalo nakwenye intsha, igqugquzeleke ukuthi iveze amakhono nokuthi ibe yingxenye yethu,” kusho uSibongiseni.
Uthe uyise uJoseph Shabalala ongasekho, wayecula izingoma ayeziqambe ngezinto asedlule kuzo empilweni, okungenye yezinto ebathokozisayo kulolu hambo njengoba bazophinde badedele namanoni ezingoma ezaqanjwa nguyise.
Ilungu elidala laleli qembu, u-Albert Mazibuko, lithe yize sebevame ukuyocula emazweni aphesheya kwezilwandle, kepha ukucula ekhaya kusho lukhulu ngenxa yokuthi bazobe bekhuluma ngezinto abalandeli babo abazaziyo.
“Ukucula ekhaya kuyajabulisa ngoba sizobonga nabalandeli bethu. Okunye okungijabulisayo wukuthi lolu hambo luphinde lwaba ngenyanga lapho kubungazwa khona amasiko.
Umculo wethu akekho ongazi ukuthi ukhuluma ngobuciko futhi ugxile emasikweni. Ngakho sithi abantu mabaphume ngobuningi babo bazobona ukuthi yini le ehlale ithakaselwa ngabantu emazweni ahlukene uma siwahambele,” kuchaza yena.