AMACIKO anokukhubazeka asafufusa azoba nefestiveli yawo iKZN Artists with Disability Festival, ngoDisemba 16, ehholo iJohny Makhathini, eNdwedwe.
Le festiveli isungulwe yiSo Good Entertainment ebunjwe ngamaciko anokukhubazeka. Umholi wayo, uThabo Mkhize odume ngelikaMy Lord emculweni, uthe baqale ngokuba nezigcawu zokuthungatha ikhono lezobuciko kubantu abanokukhubazeka eNdwedwe.
“Besibheka izinto ezehlukene kwezobuciko entsheni enokukhubazeka eNdwedwe. Sibe nezigcawu zokuthungatha ikhono ezindaweni ezahlukene. Kukhona ebesiseJohny Makhathini nasehholo eThembalabantu khona eNdwedwe. Kulezi zigcawu besingagcini ngokuthungatha ikhono kodwa besiphinde sihlomise intsha ngolwazi lwamathuba akhona kwezobuciko ngaphandle kokuba wumculi,” kusho uMy Lord.
Njengoba ifestiveli izoba seNdwedwe, uthe iphinde yavulela abantu bakule ndawo amathuba omsebenzi.
ISo Good Entertainment, ibambisene neThabo My Lod Mkhize Foundation ukuthuthukisa intsha enokukhubazeka kwezobuciko.
Baxhaswe yiNational Arts Council, uMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko kwaZulu-Natal nomasipala waseNdwedwe.