UZONANDISA phesheya kwezilwandle umculi wokholo waseNanda osezakhele ugazi ngamahlaya ngomuzi wakhe oyisitezi. UThinah Zungu ungomunye wabaculi abaqashwe iRainbow Entertainment yaphesheya kwezilwandle ukuyodumisa eNew Bingley Hall eBirmingham, e-United Kingdom (UK) ngoMeyi 6 kusukela ngo-5 kuze kube phakathi kwamabili.
UThinah uthe ukuqashwa kulo mcimbi kusho lukhulu ngoba ngesikhathi somvalelandlini bekungelula ukuthola umsebenzi kodwa manje sekuvuleleka naphesheya kwezilwandle.
Lokhu uthe ukuthatha njengesinye isigaba emculweni wakhe ngoba akavamile ukuhambela amazwe aphesheya kwezilwandle.
"Ngijabule kakhulu kusho, ukukhula kimi ngoba nabantu bakwamanye amazwe kusho ukuthi bayawujabulela umculo wami. Ngizobe ngiqala ngqa ukuya e-UK ngoba ngo-2015 ngaya e-Ireland. Ngiyethemba ukuthi lesi yisiqalo, sengizomenywa nakwamanye amazwe," kusho uThinah.
Ebuzwa mayelana nezingoma ahlele ukuziqhulula uthe uzocula lezi ezijwayelekile kodwa kukhona nenoni lesiNgisi ethi Dont do it without me. Le ngoma yiyona anethemba lokuthi uzoshukumisa ngayo inkundla njengoba bezobe bewuzwa kangcono umyalezo wayo phesheya kwezilwandle.
Ngaphandle kukaThinah, no-Omega ubalwa kwabanye babaculi abazohambela e-UK. UDkt Rebecca Malope naye umenywe kule lizwe kanti kulindeleke ukuthi ahambe kanye noThinah. Oyimenenja kaRebecca nophinde abe yindodakazi yakhe uNoluthando Malope ethintwa ukuqinisekisile lokhu.
UThinah uthola leli thuba nje emasontweni amabili edlule ukhiphe i-EP ethi The New Chapter nahlose ukuyicula ngezilimi ezahlukene.
Uphinde wakuveza ukuthi njengoba esenale-EP akakabi nolwazi olugcwele mayelana nezinhlelo zokukhipha i-albhamu ephelele ngoba sezishintshile izindlela zokukhipha umculo.