UKUKHALA komculi waseLimpopo ngokungabi nemali yokuya emcimbini amaBET Awards akade eseMelika emasontweni amabili adlule, kwenze uMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko kuzwelonke osuholwa uMnuz Gayton McKenzie, ukhiphe uhlu lwamaciko athola uxhaso ngesikhathi kuhlasele igciwane leCovid-19 phakathi kuka-2020 no-2021.
UMnyango ukhiphe lolu luhlu ngemuva kokugxekwa nangamanye amaciko athe awubaxhasi ngisho beyomela elakuleli emazweni aphesheya kwezilwandle.
Umnyango uveze ukuthi ingu-R72 million imali amaciko ayithola phakathi kuka-2020 no-2021.
Awu-3 962 amaciko avele ohlwini nahlomula ngemali ebalwelwa phakathi kuka-R10 000 kuya ku-R75 000.
Umnyango esitatimendeni osikhiphile, uveze ukuthi ukwenze lokhu ngoba kunamaciko alokhu ekhala ngokuthi awakaze athole uxhaso emnyangweni.
UMakhadzi uveze ukuthi uye eMelika ngemali ayiboleke komashonisa.
Amaciko amaningi agxeke umnyango ngalesi simo, naveze ukuthi vele awulutholi uxhaso.
Esitatimendeni esikhishwe umnyango, uveze ukuthi kungamampunge ukuthi awukaze umnike uxhaso, njengoba kunobufakazi bemali engaphezu kuka-R200 000, akhokhelwe yona umnyango umqasha emicimbini ehlukene.
“Sikukhaba ngezinyawo zombili ukuthi amaciko kawaxhaswa. Sikhipha lolu luhlu ngoba sifuna ukuveza obala amaciko ake ahlomula ohlelweni lomnyango manje aseyingxenye yabasigxekayo kulesi simo esikhulunywa uMakhadzi,” kuchaza isitatimende.
Ohlwini oluvelile kukhona amaciko akhokhelwe kakhulu kunamanye.
Umlingisi uSiphiwe Mtshali, umsakazi uMacG nowayengumyeni kaSomizi Mhlongo, uMohale Motaung, bangabanye babaciko athola imali enkulu kulolu luhlu engango-R75 000.
Abanye abangaphezu kuka-100, abakhokhelwa imali ewu-R53 000 umuntu eyedwa, kubalwa kubo umsakazi weVuma uMzokhona Gumede odume ngelikaMzokoloko, umlingisi uBawinile Ntshaba no-Ayanda Sithebe.
Amanye amaciko athola imali engu-R10 000 kubalwa kubo abaculi uCaiphus Semenya noLetta Mbuli, Kelly Khumalo, Madala Kunene nabanye.
Abathola u-R20 000 kubalwa abethuli bohlelo i-Our Perfect Wedding, uKhanyisa Titus noNomsa Buthelezi, Buselaphi Gxowa, Kholeka Sosibo, Kwenzo Ngcobo, Arthur Mafokate nendodana yakhe, Betusile Mcinga nabanye.