KUVELA igama lomculi kamaskanda uKhuzani, engxabanweni kanina wengane yeGcokama Elisha, owahlwithwa kulo mculi waganiswa wuzakwabo kwezikamaskandi uMsoco Khumalo okuthiwa wayenza lokhu ngoba “emlaya’’.
Le nzukazikeyi sekuvela ukuthi isihlangana nobutha labo maskanda asebebulwa "ngokuthathelana“ izintombi. Ngeledlule leli phephandaba lashicilela udaba olwaluveza ukuthi uKhumalo wahlwitha uZevile Buthelezi (unina wengane weGcokama) wamenza umakoti wakhe. Manje sekunezinsolo zokuthi lesi singqazu sesibuyele futhi kuyise wengane ”sekugilwa uMsoco“.
Kuvela ukuthi noKhuzani uphakathi kule ndaba njengoba esebonakala eshutha nale ntokazi bese ebhala amazwi ayiziswana ewabhekise kwiGcokama.
UZevile okhulume okokuqala neSolezwe Ngempelasonto ngale ndaba engundabamlonyeni, uthe uthole ukuthi uKhuzani uyathinteka kulolu daba.
“Ngithole ngabantu ukuthi kunesivumelwano ebesikhona ngokugana kwami kaKhumalo. Naye uMsoco ukuqinisekisile lokho ngendlela aphendule ngayo emaphoyiseni ngesikhathi emfonela njengoba bese ngiyofuna incwadi yesivimbelo ukuthi angasondeli kumina ngenxa yokusabela impilo yami,” kusho uZevile.
Kuthintwa uKhuzani ngalezi zindaba uvele waphendula kafishane wathi kudlalwa ngaye akazi lutho, uZevile uzidlalela ngaye.
Echaza ngokuxabana kwakhe noMsoco, uZevile uthe uMsoco wafika kuyena esemqashweni eGoli wamephuca iselula, maqede wazithumelela yena zonke izingxoxo zakhe lapho abexoxa khona nabangani bakhe.
Njengamanje kunezinkulumo okunqakiswana ngazo ezinkundleni zokuxhumana eziveza ukuthi laba baculi bobathathu badlala lo mdlalo wokudicilelana ngokuthathelana izintombi.
“Kuyiqiniso ukuthi izingxoxo ezazikwiselula ngezami kodwa angisenazo ngoba uMsoco wazicisha zonke esezithumelele yena. Ayikho inkulumo engayinameka kuFacebook kodwa uyena obezinameka ehlangene nentombi yakhe (uMsoco),” kuqhuba uZevile.
Ebuzwa ngendaba yokubuyelana neGcokama Elisha, uZevile uthe akabuyelene nalo futhi abaxhumani. Uthe bafonelana kuphela uma Igcokama Elisha lifuna ukukhuluma nengane uma ehambe nayo.
Kunezithombe ezikhombisa uZevile engena emotweni yeGcokama, nemibhalo ethi “uMsoco uselahliwe yize esezishaye zonke kubo kwentokazi”.
UMsoco uthe indaba kaZevile isimphazamise ezintweni eziningi futhi usola ukuthi lo wesifazane nomndeni wakhe basemizamweni yokumdicilela phansi.
“Mina ngabuyisela uMaButhelezi kubo ngenhloso yokuthi umndeni wakhe uze kumina sizoxoxa ngalolu daba ngoba ngimlobolile. Kunalokho akekho oza kumina ukuthi sixoxe kodwa kukhona abathumela imiyalezo emsebenzini yokuthi mina ngiyingozi futhi ngisabisa abantu, okuyinto engingayenzile.
“Kukhona abaze bathumela ngisho ne-video lapho ngivela ngiqhumisa isibhamu. Le video indala, ngayenza ngo-2020 ngingakasebenzi ngisho la ngisebenza khona manje. Ngikhuluma nawe nje ngimisiwe emsebenzini ngenxa yayo ngoba kukhona othe mina ngisabisa ngokuthi kukhona engizomdubula,” kusho uMsoco.