UKULINGISA indawo ephambili emdlalweni Umkhokha: The Curse, uthi kushintshe impilo yakhe futhi kumvusela umunyu uNkosinathi Maphalala (Nay Maps). Uthi okuningi okwenzeka emdlalweni kuncike empilweni ayiphilayo.
UNay Maps, olingisa indawo yokuba ngumholi wamaJudiya, uZamcolo, uthi kulula ukulingisa le ndawo ngoba ezinye izinto zincike empilweni yakhe yangempela.
“Ngesikhathi nginikwa umbhalo ngale ndawo ngafikelwa wumunyu ngoba okuningi kuyimpilo yami yangempela. Ekhaya yimina omdala kanti ubaba wami osanda kushona, ubehola ibandla. Umama ongizalayo uyisithenjwa sebandla ngoba bebelihola nobaba. Ibandla lasekhaya i-Agape Terhila Worship Centre, lizinze eSoshanguve, ePitoli.
“Ngisho sikhula abazali bami bebegxile ekunakeni ibandla kakhulu nathi besigqugquzela ukuthi sithande abantu bebandla ngoba uNkulunkulu uzosibusa ngalokho. NakuMkhokha kwenzeka into efanayo. Umehluko ukuthi kwelasekhaya ibandla awukho umbango ngoba bekunabefundisi abayizithenjwa zikababa, abaliholayo. Ubaba kwakuyena omdala kwabo, nami yimina omdala kuyena, okuyinto efanayo nakuMkhokha,” kusho uNay Maps.
Uthe impilo yakhe ishintshile ngoba lapho eqhamuka khona abantu bakholwa ukuthi ungumholi webandla ngempela. Uthe abanye baze baguqe phansi bacele ukuthi abathandazele ngoba bekholwa ukuthi ungumholi ophilisayo ngempela. Uthe lokho kumenza azizwe ethobekile uma abantu bembuka ngalolo hlobo, okuyinto abengacabngi ingenzeka. Njengoba kuMkhokha engumuntu othanda kube nokuthula emndenini, uthe nakubo ungumuntu onjalo.
Ngaphandle kokulingisa, uNay Maps ziningi ezinye izinto azenza eceleni.
“Umsebenzi wethu wokulingisa uthatha isikhathi esiningi. Uma ngithole ithuba ngiphatha izinhlelo emicimbini ngibuye ngikhokhelwe ngokuya emicimbini yabantu.
“Ngo-Okthoba nje, sengibhukhelwe emcimbini iKing Bhaka Music Festival, ezoba seMid Illovo, lapho ngizophatha khona uhlelo. Lokho kuyangisiza ukuthi ngikwazi nokuvela emphakathini ukuze abantu babone ukuthi impilo yami ayipheleli kwithelevishini. Kuningi okunye engiphezu kwakho njengokukhipha i-albhamu yami yomculo maduze. Kuyona ngithake yonke iminxa yomculo. Nezimpahla zami zokugqoka ziyeza ezinye njengoba nginelebuli,” kulandisa uNay Maps.