ISITESHI seM-Net sesikuqinisekisile ukuphela kwendawo yomlingisi ophambili emdlalweni iGqeberha: The Empire, uZikhona Sodlaka.
UZikhona ubengomunye wabalingisi abahamba phambili emdlalweni lapho kade elingisa khona indawo kaBulelwa (Bullet).
Ababukeli zalo mdlalo bese kunesikhathi bezibuza ngokunyamalala kwakhe emdlalweni njengoba engabalwanga nabanye abashiyile kuwo kuphela isizini yokuqala.
Umthombo okhulume neSolezwe osondelene nomdlalo uveze ukuthi maphakathi nomdlalo kube khona izinkinga ezithinta abanye abalingisi ezenze kwaba nezinguquko kuwo.
“Ukushuthela kwesinye isifundazwe, izinkinga zezimali ngezinye izinto ezenze kwaba nokungaboni ngaso linye phakathi kwabalingisi nophrojusa balo mdlalo. Kodwa uZikhona izinkinga akade ebhekene nazo yena kulo mdlalo ziholele ekutheni angabancengi njengoba izikhathi eziningi ebesebonakala kulo mdlalo aphinde anyamalale, kungacaci ukuthi kwenzakani. Yena ubengajabule kuwo,” kusho umthombo weSolezwe.
Elinye lamaphephandaba liveze ukuthi uZikhona okumshiyise emdlalweni wukungajabuli ngemali ayitholayo.
Liveze ukuthi wanxuswa ukuthi anikwe imali ethe xaxa njengoba engagcini nje ngokuba wumlingisi kuphela kodwa uphinde asize uma kuziwa ekuqondiseni ezinye izinto ngemuva.
Umthombo waleli phepha uveze ukuthi ukunganakwa kwesicelo sakhe yikhona okumenze washiya phansi kuwo.
UNomsa Philiso ongumphathi wezinhlelo zakuleli kwaMultichoice, ukuqinisekisile ukuthi uZikhona akasekho emdlalweni.
Uthe isizathu esenze washiya kuwo wukuthi umdlalo usuthatha elinye igxathu elingeke lisayidinga indawo yakhe njengoba usuhlukile.
Kuwona umdlalo muva nje kukhonjwe indlela uPhila Madlingozi noMbulelo Grootboom.
Abalingisi abasha abafikile emdlalweni kubalwa uZinzi Nsele (Vuyokazi), Rorisang Mohapi( Lulama) noBongile Matsai olingisa indawo kaHlumelo.